Izindaba zesalukazi- Ukuphuma ekungaphathekeni kahle

U-Alicia Mdaka uxoxa ngokuthi wahamba kanjani e-Eastern Cape ebheke eKapa ngemuva kokungaphatheki kahle esakhula ehlala nogogo wakhe no-anti bakhe.

Usizo

©Eric Miller

Ngesikhathi ngisahlala e-Eastern Cape ngangiyingane enomsindo kodwa ngesikhathi sengikhula kwahamba, kwahamba kwaphela lokho. Uthisha wami wakuqaphela lokho. Uthishomkhulu wangibizela ehhovisi lakhe wangibuza ukuthi ngabe ikuphi inkinga. Ngamtshela ukuthi ekhaya ngiyashaywa, wathi uzobhalela umama wami incwadi.

“Ngicela unginika ikheli lakhe,’’ kusho uthishomkhulu. Ngangingeke ngikwazi ukucela ugogo ikheli lalapho okuhlala khona umama, kodwa ngangazi ukuthi kukhona lapho abeka khona izincwadi ezisuke zithunyelwe wumama , ezifihliwe ebhokisini lakhe, umama. Ngolunye usuku, ngalivula ibhokisi, ngathatha incwadi ngokushesha ngakopela ikheli. Uthishomkhulu wambhalela umama incwadi, kwaba kanjalo. Umama wabona kungcono ukuthi ngiyohlala naye eKapa.

Kwakungekho lula, kodwa ugogo wami wayengafuni ngihambe. Umama wami waphoqeleka ukuthi acele uthisha wami ukuthi ayokhuluma nogogo. Kodwa ngagcine ngihambile ngaya kumama ngihamba ngesitimela.

Kwehla umthwalo emahlombe sengihambile. Kodwa iminyaka yami yokungajabuli nokuzingabaza yangihlukumeza naseKapa. Ngaze ngaya naseGroote Schuur Hospital ngiyohlolwa ingqondo. Ngafike nganikwa amaphilisa amhlophe amancane… ngicabanga ukuthi nakuleso sigaba ngangilashelwa ukhwantalala.