Indodana yami uLenox ongaphilile kahle ekhanda ,wake wafuna ukungibulala.Yingakho isicabha sekamero lami lokulala simidwayidwa. Wayezama ukuzigquzula ethi efuna ukuzongibulala. Ngangikhala ngicela usizo. Omunye umfana wami uKenneth wayezama ukumbamba kodwa ngeke ngikwazi ukukuxoxela ngohlobo lwamandla uLennox anawo.
Lesisimo sasimuncu. Emva kwalokho ngaya kumngani wami uConstance ngiyopholisa ingqondo.Saguqa ngamadolo.’Ngisize Nkosi’ kwabe kungumthandazo wethu. ’UNgonamandla ,uyayazi inhliziyo yami,nenjula yengcindezi yami. Awu Nkosi ngizwele.Ngacela kuwe abantwana, wangipha bona. Manje senginezingane kodwa konke kumapeketwane.
Ngicela uzoba wusizo lwami futhi.Ngilahlekelwa yithemba. Yiba yithemba lami, ngithandaza kuwe Nkosi.’ Emva kokuba sesikhulekile uConstance wathi kimi: ‘Uyazi ukuthi kunengane kaSathane? Hhayi ke wena uyingane kaNkulunkulu. Akaqhelile kuwe,futhi nenhliziyo yakhe ayikuflathele.
Qina emkhulekweni, ngoba kuwo wonke umzuzu, nasebuthongweni nasezinsizini zakho, unawe. Ngokukunika lobunzima, ukubumbela ube muhle kuye. Ngakho ungalahli ithemba. kuningi osudlule kukho,nalapho wayekhona. Yebo uyoba nawe kuze kube sekufeni. ’Lawomagama akhe angiqinisa. Yebo, yizokanye lezizinto ezimbili ezingipha amandla okuqhubeka: ukholo lwami nabangani bami.
Manje,sengenze utho ngoLennox. Yena akazi lutho,kodwa ngomsombuluko izisebenzi zezenhlalakahle zizomthatha zimyise e eSibhedlela e-Lentegeur Psychiatric. Ngixoxile savumelana nondodakazi wakhe ukuthi yisu leli, futhi into esesiyihlelile. Lokhu kuzongisiza kakhulu.
Uyazi kuzo zonke izinto ezinhle empilweni yami, kukodwa okungijabulisayo. ukuthi ingaphandle lami alikhombisi yonke lenhlupheko.Ngiyalithanda ingaphandle lami ngoba linikana ithemba.
Yimi ngedwa owaziyo isimo sengaphakathi lami. Abanye ngeke bangibone ngamehlo. Yazi kube kuhle ukuxoxa ngazo zonke lezizinto. Kuyitshe, kodwa ngiyathanda ukuzihlambulula. Nkashana ngithe ngaziphefumula kwenza izinto zibe ngconywana. Nebala kuyangisiza ukuyigonyuluka indaba yami.