NgoMay 2001, umjondolo wami washa nazo zonke izinto zami. Umlilo waqala phambi komnyango sasiyovaleleka phakathi sishe singqongqe uma kwakungabanga umusa woMsamariya onesihawu owayebone amalangabi qede wavula umnyango nge khrohbha ngaphandle. Uyisitha esibi umlilo uma uhlala emjondolo.
Asinagesi, uma isitofu sikaparaffini noma ikhandlela liwa, lingathungela umjondolo. Ngomzuzwana nje sekushe kwasani. Akukho sikhathi sokufika kwezicishamlilo la nesokuphuma asikho. Uvalo lwethu kwabe kuwukuphaphama umjondolo uvese ususha nokungabe sisakwazi ukuvula umnyango ongaphambili ngokushesha.
Lokhu sekwenzeke kwabaningi okwacishe kwangenza nami. Kulowomlilo ngaphuma ngiyimi nje,i ID konke nje kwaphenduka umlotha. Kwakuwumlilo engingenakuwukhohlwa. Nokho futhi kwaba yisikhathi semvusamqondo.
LoMsamariya onesihawu waletha iloli elilayishe mpu amaplangwe ukuze izingane zami zingakhele omunye umjondolo, inhliziyo yami yathintwa kakhulu yilesi senzo,nokho emjondolo kwakungenakunela.’Sekumele ngithole indlu yesitini’ ,ngabatshela kanjalo oAnthony noPhyllis.’Angifuni ukufela emjondolo’.
Komele kube yindawo engiphephile kuyo engabuyisa isidima sami.Angifuni ukufa ngihlwempu ,endlini yowesifazane ohlwempu.Eqinisweni okuyoba kuhle ukuba ngife sengeqe u -90 weminyaka,ngoba ngifuna ukuyiqeda indlu bese ngihlala kuyo iminyakana ethe xaxa.Ngiyacela Nkulunkulu ake ungibeke ngize ngifike ko 90 ukuze ,ngenze konke lokhu kwenzeke!