Indaba kagogo yokuphila emjondolo

Ubeauty Skefile usikhinindela isimo sakhe ngokwakha umjondolo wakhe nomndeni eKhrosini eKapa.

Ukwakha Umjondolo

©Eric Miller

Safika Ekhrosini ukwakha umjondolo. Kwakumele sigawule izihlahla ngembazo, ukuze sakhe igumbi lokulala eliwumjondolo. Sasingazi sizokwenza kanjani lokho, kodwa u -Nomhle kunye nami safunda kwabanye abafana khona lapho. Babakhe owabo umjondolo ngezingodo netende elinsundu likaloliwe.

Sathola nathi isiqephu esifana nalo emabibini kadoti. Abaningi babengalithandi lelitende ngoba lalimahlephuhlephu, kodwa salisebenzisa. Kwakuthi masithole isiqeshana, sithathe ucingo sisisthungele kulesi esikhulu. Kwakuthi uma kufika umoya liphephuke.Sengiyahleka manje uma ngikhumbula lezo.

Sasingenamali yokuthenga umbhede, ngakho sazitholela isicabha edampini sabeka amakopi, kwayimlenze yombhede njalo,sandlala kahle izingubo. Kwakungekho mantransi. Sasithathe izingubo edampini saziwasha sazimbatha ,kwambatha izingane nabadala. Lemibhede sasiyibiza ‘ngemibhede yethu yamaplangwe’.

Yayimine emjondolo wethu,umuntu ngamunye enowakhe. Sasithola inqwaba yemibhede edampini, sasingakodoli-ke, ngisho ebusuku.Ukwakha isitofu sokupheka sasisebenzisa imbawula esayakha ngegogogo esalithola khona edampini. Phela ngangibone abangani benesitofu esinjalo ngabe sengibabuza babesenze kanjani, bangikhombisa.

Uma singekho sithi uma sibuya sithole kukhona ontshontshe imbawula yethu sasibuyela edampini sithole elinye igogogo siphinde siyakhe ngokulibhoboza.