Udaba luka gogo ngomlandu oziphindayo
U-Alicia Mdaka ubalisa ngobunzima bokuba ngumzali yedwa emva kokushonelwa ngumkhwenyana. Isiko lakwaXhosa Emva Komngcwabo
Emva kokushona komnyeni wami ,uMawami wathatha uAnthony wamyisa eGugulethu ngoba mina kwase kumele ngibuyele e Eastern Cape.kwaXhosa emva kokushona komnyeni wakho kumele uye emndenini wakhe uyozila undawonye nomndeni ,ukuze ubonakale usosizini .
Ekupheleni kwalowonyaka ,ngacela ukubuyela eKapa ngiyosebenza imali ukuze ngiphilise izingane zami eziyisithupha.Ngabashiya e Eastern Cape ,ngazibopha ngexhama ngisebenza ejalidini eKapa,ncimishi njengoMama wami naye owayesebenza kanjalo.Sukulumbe kwafika umakhelwane kimi wathi izingane zami ziyahlukunyezwa ekhaya kuTsolo.
Uma izinkomo zingabuyanga ,uKenneth wayeshawa qede ayocasha esikhundleni sakhe –azifihle otshanini obude.Kwakuwudadewabo kuphela uPhyllis owayesuke azi ukuthi ukuphi futhi wayengatsheli muntu.Kwesinye isikhathi,umakhelwane wayaye angixoxele ukuthi izingane zaziye zinqatshelwe ngisho ukuya eskoleni. Okuyikho kanye okwakungikhathaza kakhulu.
Izingane zami zimelwe ukuba ziye esikoleni.Kwakumele ngiqikelele ukuba ziyalithola ikusasa. UMawami wayevamise ukusho ukuthi ingane eye eskoleni inamathuba amahle empilweni.Wayaye athi: ’uyihlo wayenguthisha yikho aba nempilo engcono ngenxa yemfundo’.
Izimo Ezifanayo,Imiphumela Efanayo
Akukholakali ukuthi ngangihlukunyezwa umndeni wakithi ngisemncane ,manje leyonto futhi seyenzeka ezinganeni zami.Kwenzeka ngalendlela ngoba izimo zethu ziyefana. Esikweni lethu izingane ezinonina kuphela ,ezingenayise azihlonishwa amalungu omndeni. Ngabe sengithi: ’Mama angikwazi ukumela lento’.
’Zimelwe ukuza kimi izingane zami.’
Kulesosikhathi ngangisebenza ngilala khona ejalidini,kwakunekamero emva kwendlu la engangilala khona kwelasesilungwini e Heathfield. Kwakungekho ndawo yokuba simpintshane nabantabami kulelogumbi elalilincu. Okwesikhashana uAnthony waya ukohlala noMawami eGugulethu, kodwa lobaba owabe eseganwe ngumame akakuthandanga lokho. Yilapho-ke engakha khona umjondolo ePhilippi –ukuze ngibe ndawonye nezingane zami.
Abafana Abanhlangunhlangu
Kunzima ukubakhulisa uwedwa.Badlubulundela ,abafana ikakhulukazi. U Anthony wayeka isikole emva nje kweminyaka emibili, lapho esesikoleni samabanga aphezulu efunda ibanga lesikhombisa, noKenneth esafunda amabanga aphansi. Kwakunezinsuku lakhona izingane sezikhulile,langangithi khona: ’uma kuthiwa umnyeni wami usaphila, ngabe lezingane azingihluphi kanje. Ngabe labafana abaphuzi, nesikole abasiyekile’.
Yeka ukuzilahlela ngamathuba amahle abo. Isibonelo nje, ngiyakhumbula ukuthi uKenneth wayeyingcweti yokudweba futhi enesandla esihle. Hho hhe abafana bami babezokwenza kahle kangcono.