Izindaba zengcindezi kagogo

U Alicia Mdaka usixoxela indaba yakhe yengcindezi nokuthi amaxhama okuxumana nenhlangano ebizwa -OGogo Abalwa neNdlala neNgculazi kwamsiza kanjani.

Ukungenisa ukukhanya

©Eric Miller

Ngalala phansi embhedeni wami, ngibheke phezulu, ngigcwele umunyu. Khona lapho emnyameni wekamelo lami, ngavumela ubumnyama bungene kimi ngaphakathi futhi bungihaqe qede nganquma ukuqeda ngempilo yami. Okwakulula kwabe kuwukuvese ngilale kujantshi oseduze nakwami Ekhayelitsha, ngilinde isitimela esidlulayo.

Ekugcineni,Ngangiyophumula. Nokho ngangingeke, ngoba kulesisikhatahi,undodana wami uAnthony wavese wangqongqoza emnyango. Futhi wayiguqula ngokuphelele ingqondo yami ngokuzibulala. Kwakuwu 2001, esikhathini eside ngangisakwazi ukwenza lutho ngaphandle kokukhala, ngikhale into engapheli.

Ngase ngikhathele yikho konke ukuphoxeka engabe ngikuthole yonke leminyaka. Ngangisayifuni lempilo ka Alicia Mdaka, impilo owayengeke ayikhethe uma wayenikwe ithuba. Ngangizonda kwasani ngizizonda kwamina uqobo ukuzithola ngibopheke kuyo, ayikho enye indlela engabe ngisayibona.

Sewake wambona uMawami?

©Eric Miller

Yimi lo ngivale umnyango wangaphambili, ngehlisa amakhethini ngazigquma kulowomnyama wendlu. Okwathi ngefastela, nanti iphimbo lika Anthony ekhulama nomakhelwane, intokazi endala engingasalikhumbuli igama layo. Wabuza wathi: ’usuke wambona uMa’. ’Cha’ kuphendula lentokazi endala.

’Yiphambilini ebengike ngabona abazukulu o Thuthukani no Juliette, beya eskoleni. Angimazi ukuphi.’ ‘Yazi ngimthengele amapani namabhodwe amahle kanjani’, lokho ekusho ngopholile nomnandi umoya lo wena ongafunga konke kuhamba kahle. ’Ngizame umnyango wakhe kodwa ukhiyiwe.

Ngibona kuzomele ngiwugqekeze ukhiye, ukuze ngibeke lamapani namabhodwe endlini. Sengobuye ngisilungise isicabha.’ Lokho kwenza ngithi mikithi. Ngaphuthuma esicabheni esiphambili ngavula ukhiye. Ukuze uma kwenzeka esigqekeza ngokusigaklaza kodwa singafi, naye angalimazi akuphethe. ‘Ungagqekezi lutho, ngizokuvulela’ ngangimemeza, ngasivula.

Wangithi kla ngeso wabona ubuso bami obabuvuvukele qede wathi, ’kodwa Mawami kwenzakalani kuwe? Yini wakhala? Kulapho okwakumele ngithembeke khona. Kukho konke ukukhungatheka kwalayikhaya u Anthony nguye oma nami. Ngesikhathi esahlala nami wayaye avuke enzele abazukulu isidlo sasekuseni,abuye nemfalakahlana yamasente uma ethole amatoho. Unenhliziyo enhle futhi ngiyamethemba. ’Anthony akusayeki phambili,’ ngamtshela kanjalo.

Ayisekho enye indlela engiyibonayo ngaphandle kokulandela intombazana yami.Sengifuna ukuyoba nabo. Ngiye ezweni elingcono. Angazi iyiphi indlela engcono engingasho ngayo kuwe-kade ngilele lapha ngenza amasu okuthi ngingaqeda kanjani ngalempilo. ‘Wabamba isandla sami wangisondeza ku sofa okuthe sesihlezi phansi wangigqolozela.

Ayelokhu ethe njo amehlo akhe kimi. Wayesethi,’ Uyazi ukuthini?’ Sewube sezingozini zemoto kathathu ,kodwa UNkulunkulu wakusindisa. Sewushawe wuhlangathi kathathu nalapho uNkulunkulu wakusindisa. Uyazi kungani?’ ‘Wayazi ukuthi kofika usuku athathe odadewethu uOlive noPrudence bese izingane zabo zisale zona. Wayedinga wena unakekele lezingane.

Ziyakudinga Ma. ’Uma uhamba manje kuyosala kwenzekani kuzo? Kuyoba yinto embi kabi. Kumele ume ukucabanga ngalendlela.’ Amazwi akhe aba njengamanzi aqandayo angiphaphamisayo. Osizini lwami bese ngizikhohliwe izingane zabantabami. Kanti zona bezisekhona –ziphila ,kodwa mina sengikhathele ukuphila-ngenxa yawo wonke amathemba nokwesaba engikukhumbulayo kusuka ngisemncane. Ngabe sengithi ,’asithandaze’. Sawa ngamadolo ngade ngikhalile, ngithulula inhliziyo yami kuNkulunkulu.

Ekugcineni, uAnthony wathi ,’Amen’. Qede wangibheka. ’Mawam ungaphinde ukwenze lokhu,ngiyakucela.Ungaphinde ucabange lento ‘.Ngabe sengivula umnyango waphambili, avese amakhethini azibhakuzela evulela ukukhanya.Kwaba ukuphetha kwezinyembezi ngalolo suku. Sekuyiminyaka eminingi kusukela ngangifune ukuzibulala nokho izinto zisenzima.

Ngisaqhubeka ngidla amaphilisi okwehlisa ingcindezi njalo nje,namaphilisi okuvikela ngingaphindwa wuhlangothi. Nokho kulezinsuku kakusiwo amaphilisi kuphela angigcinayo.

Kulezinsuku thina bogogo sesiqale ukuqonda izimo zempilo esibhekene nazo bese sisizane ukuze siqine, ebandleni lami nasenhlanganweni esayisungula ndawonye, OGogo Abalwa neNdlala neNgculazi. Odadewethu kulenhlangano bayangiluleka bangiduduze.Uma kwakungengenxa yabo ngabe sengafa ,lokho angikungabazi.Sesiwumndeni omkhulu wogogo siyafukulana,sigudluze ingcindezi,size sifunduze nabanye ukuphinde ukwazi nokuhleka.