Pinot Gris and Pinot Blanc

Incazelo

I-Pinot gris ne Pinot blanc umbala wazo ziwuthola kwi Pinto noir. Umahluko phakathi kwala magilebhisi wukuthi amajikijolo ePinot noir anamakhasi amnyama, lapho awe Pinot blanc amhlophe bese awe Pinot gris amajikijolo abe ngwevu osa luhlaza njenge sibhakabhaka, amakhasi awo a -brownish pink. Zombili lezinhlobo zamagilebhisi kwenziwa ngazo iwayini elikhazimlayo.

Umsuka

I-Pinot gris ne Pinot blanc ziqhamuka eBurgundy eFrance, lapho sezineminyaka eminingi zitshalwa khona.

Amanye Amagama

Igama elidume kakhulu le Pinot gris e Italy yi Pinot Grigio. EFrance kuthiwa yi Petit gris, eHungary kuthiwa yi Szukerbarat, leligama lichaza ukuthi “umonaki ongwevu” ngesi Ngisi. EGermany kuthiwa yi Grauburgunder noma i-Rulander. Leli gama elithi Pinot Grigio lichaza iwayini ephuzeka kalula, lapho i-Pinot Gris yona isho ukuthi ine aging potential ende.
I-Pinot blanc futhi yaziwa ngokuthi yi Clevner noma i-Klevner eFrance. EGermany yaziwa ngokuthi yi Weisburgunder noma i-Weisser Burgunder. E Italy yaziwa ngokuthi yi Pinot Bianco noma i-Beli Pinot eSlovania.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

Umvini wokuqala walenhlobo wawubuya eWest Germany, lapho waqala ukukhiqizwa khona ngo nyaka wama 1963. I-Pinot gris yaqala ukudayiswa ngama 1977, lapho eyayihlanganiswa nezinye izinhlobo ukuze zikhiphe iwayini elikhazimulayo. I-L’Ormarins iyo eNingizimu Afrika eya khiqiza inhlobo yokuqala ye Pinot gris ngama 1980s, lapho eyayidayiswa khona njenge Pinot Grigio ngaphansi kwe lebula le Terra del Capo.
Amalekhodi ePinot blanc yokuqala yala eNingizimu Afrika awavumelani, amanye athi yaqhamuka eCalifornia ngama 1967, yayeka ukwehlukaniswa nezinye ukuze ihlolwe, ngama 1971. Neze amanye amalekhodi ethi yaqala ukudayisa ngama 1990s.

Indawo Ekhiqizwa Kuzo

Zombili lezinhlobo zamagilebhisi zizwana kabi nezindawo ezipholile. Noma nje kunama hektare angama 350 akhiqizwayo la eNingizimu Afrika, i-Pinot gris isencane kabi la ekhaya. Noma kunjalo idume kakhulu, futhi ngama 2016 yayingxenye yenhlobo ezilishumi ezazi tshalwa kuleli zwe.
Lenhlobo itshalwe kuzo zonke izindawo ezikhiqiza amawayini la eNingizimu Afrika, ngaphandle kwase Little Karoo nase Northern Cape. I-Worcester, Breedekloof, Stellenbosch, Robertson, ne Swartland yizo izindawo ezine nale mivini.

Ukukhula

I-Pinot gris ne Pinot blanc yizinhlobo ezikhula ngokulinganisela (moderately). Masele kuvunwa amathoni ayi 9 ukuyosho kwayi 12 ayaphuma kwi hektare eyodwa.

Ukuvuthwa

Lamagilebhisi avuthwa makuqala isikhathi sokuvunwa – i-Pinot gris uvuthwa kwisigamu sokuqala sika Febhuwari bese i-Pinot blanc ivuthwe kwisigamu sesibili.

Amajikijolo

Amajikijolo ePinot noir, Pinot gris ne Pinot blanc acishe afane ngokwesisindo nango kuma futhi a-oval. I-Pinot noir, nokho, inamakhasi amnyama, i-Pinot blanc inamakhasi amhlophe, i-Pinot gris yona mayisakhula iqala ibenamakhasi aluhlaza bese ajike abengathi angwevu oluhlaza, noma abe brownish pink, kuvamile ukuthi amajikijolo angafani noma esesigaxeni esisodwa. Amakhasi alamagilebhisi amnandi futhi anamafutha.

Amaqabunga

Amaqabunga e-Pinot noir, Pinot gris ne Pinot blanc acishe afane, aluhlaza, anobukhulu obuphakathi futhi anxazonke bese ahlukane kathathu.

Izinambuzane Nezifo

Both varieties are susceptible to downy mildew and Botrytis rot. Bird damage is often a problem due to the varieties ripening so early in the season.

Ukusetshenziswa

Abenzi bamawayini abaningi bala eNingiziumi Afrika bayisebenzisa kakhulu i-Pinot blanc nje single varietal, kodwa isikhathi esiningi bayihlanganisa nezinye izinhlobo zamagilebhisi okwenza iwayini.

Ukunambitheka

I-Pinot blanc inombala osagolide naluhlaza, amaphunga aitholakalayo kuyo yilawo awe bhotela ne citrus. I-Pinot gris iwayini ethanda ukuhluka ngombala, ngesinye isikhathi iqhakaza nje nge dayimani ngesinye iqhakaze njenge golide, kodwa konke lokhu kuya ngokuthi yenziwe ngesiphi isitayela. Ngesinye isikhathi mawuyinambitha kubangathi yenziwe ngamapentshisi nama plamu.

Translated by Nwabisa Ngumbela