Izitshalo Zokwelapha zaseNingizimu Afrika

© Marinda Louw

Ukusetshenziswa Kwendabuko Kwezitshalo zaseNingizimu Afrika

Ukusetshenziselwa ukwelapha nokuzijabulisa kwezitshalo namafutha omdabu kwaziswa kwabaseDutch ngabahlali bendawo futhi kwahlanganisa izitshalo ezifana ne-buchu, i-Aloe ferox (umzala wase-Afrika we-Aloe vera) neCape chamomile.
Lezi zitshalo zahlafunwa (i-Sceletium tortuosum njengento yokwengezela injabulo), zifakwe etshwaleni noma uvinika ukuze zisindise izisu nomtshumane(buchu),zishiswe ,intuthu ihogelwe (umuthi wazamlandela welapha ikhanda),zibiliswe njengotiye wokwelapha nomuthi wokuqinisa umzimba (i-Sutherlandia frutescens kanye neAthrixia phylicoides). Amafutha abalulekile omdabu ayasebenza kakhulu. Amafutha e-rosemary avimba ukugula futhi amafutha e-helichrysum asetshenziselwa ukwelapha ukulunywa izinyoka nolwembu, kanti amafutha we-buchu asetshenziselwa ukuvimba ukuvutha.
AmaSotho basebenzisa amaqabunga aluhlaza ezimbali ezibomvana zase Kapa njengomshanguzo okupholisa amanxeba namathumba, amaqabunga asampushana awethunduluka(Ximenia caffra) asetshenziselwa ukwelapha ukungazali kanye nemfiva njalo impande yawo umuthi obanga inkanuko ohloniphekile. Izitshalo zendawo zingadliwa ziluhlaza (umkhiwane omuncu, i-marula, i-num num), zenziwe ujamu, amantongomane agazingiweyo futhi adliwe (imbewu ye-baobab nephizi) kanye namaqabunga adliwe njengemifino (ikhabe elibabayo namaqabunga e-phizi).

Ukwelapha Kwezitshalo Zomdabu

Ukwelapha kwezitshalo zaseNingizimu Afrika kuye kwaqashelwa ngabelaphi bamazwe angaphandle, abaphekayo nalabo abenza ubuso bubukeke futhi zisetshenziselwa izinto ezihlukahlukene.I-Devils Claw iyaziwa ekwelapheni isifo esibanga ukuqaqamba kwamalunga omzimba, i-buchu isetshenziselwa ukunikeza ukunambitheka ekudleni,njalo amafutha ase-Afrika awe-baobab ne-mangongo (owaziwa nangokuthi manketti) asetshenziswa kabanzi ukuvuselela isikhumba.
Ukwelapha kwezitshalo zomdabu zaseNingizimu Afrika kuthinta nasezifweni ezibi kakhulu. I-Cornell University Medical College ithole ukuthi uJinja wase Afrika ungavimbela isifo sokuthwebuleka komzimba, i-Sutherlandia frutescens ('isihlahla somdlavuza') nomhlonyane wase-Afrika (u-Artemisia afra) kuthiwa bayasiza ekulweni nomdlavuza nesifo sikashukela, kanti isihlahla sopelepele selapha isifo sebuba noqhuqho. Ingxube eyenziwe yi-Lippia javanica kanye nentebe yase Knysna isetshenziswa amaZulu ukuba baphathe umdlavuza, isifo sikashukela, izimpawu ze-HIV / AIDS kanye nesifuba sexhwala njalo izifundo zamuva zithole ukuhlakanipha othi uhlobo lwesithonjana sokunonga yindlela yokwelashwa kwe-Alzheimer's.
Izitshalo zokwelapha zaseNingizimu Afrika kanye nezitshalo zokudla zendabuko ngokuvamile zilula ukukhula, zingavunwa ngendlela engapheli futhi zingafakwa emasimini asekhaya nasenhlelweni zokulima. Kunganciphisa izimpawu zezifo, kwengezwe ekudleni ukuze kwandiswe ukuhlukahluka nokudla okunomsoco futhi kunikeze impilo kanye nenhlalakahle kubo bonke abasebenzisa. Kumele kuqashelwe ukuthi ukusetshenziswa kwezitshalo kanye namafutha omuthi akufanele kuthathe iseluleko sezokwelashwa nezokudla okuzwakalayo.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza