Ingabe Indumbu Yomngongo Ingakuvimba Ukuqothuka Kwezinwele?

© SAplants
Izihlahla zomngongo (Schinziophyton rautanenii), ezaziwa futhi ngokuthi yimanketti, zitholakala ezansi noGondwane ikakhulukazi ezinzulwini zezihlabathi zaseKalahari. Usetshenzisiwe njengokudla nanjengesimonyo sokunakekela isikhumba (uyisivikelo selanga semvelo nesigcobo sezinwele) izinkulungwane zeminyaka. Uqukethe isanyongo (i-acid) esiguqukayo uma sihlatshwa imisebe yelanga bese senza uqweqwe oluvikelayo esikhunjeni nasezinweleni. Amafutha asendunjini anozinki (Zn) omningi ongezelelayo ezithakweni ezivikelayo.
Isithelo singangephulamuzi, sithe asibewu-3.5 cm ubude, sibukeka njengamaqanda anoboya obuntofo (ivelvet) aqathakela enhlabathini kusukela ngoNdasa kuya kuNhlaba ukuze avuthwe. Uqukethe igqinsana lengxenye edliwayo ngaphandle kwegobolondo eliqinile elinezinhlamvu ngaphakathi. Isithelo sidliwa umgakla nendlovu, ‘okulahla’ imbewu ‘emsulwa’ yizinqwaba ezihlanzekile. Uma ukhiwe ngesandla, ingxenye le edliwayo kumele isuswe ngaphambi kokuthi indumbu iphihlizwe ukuze kukhishwe amafutha embewini. Izinhlamvu ezinomsoco omkhulu zingathoswa, zinambitheka njengama-almonds noma amakheshu (cashew).
Izithelo zikhiwa endle futhi mahle kakhulu ekukhiqizeni amafutha kodwa inkinga yokukhipha indumbu ngesinye sezizathu sokuthi ukusetshenziswa komngongo kuye kwaba kuncane enkathini edlule. Indumbu inomsoco weprotein engu-25%, inamafutha awu-50% novitamin E omningi ongabawu-560mg ku-100gm wendumbu. Umngongo unezithako zokwenza insipho okwenza amafutha awo abaluleke ezinsisheni. Amafutha omngongo ashubile ayathambisa, avuselele futhi ahlele kabusha ngenxa yokuqukatha ilinoleic acid eningi (ephakathi kuka-30% no-54%) futhi uyasetshenziswa ekunakekeleni isikhumba (njengesigezo, isigcobo sokusokamisa nesimonyo) nasemikhiqizweni yezinwele. Amaprotein amaningi namafutha kwenza umngongo ubeyikhambi elihlabahlosile lezinwele ezomile nezigoqene futhi ingasiza ekuvimbeni ukuqothuka kwezinwele. Njengamafutha okubotoza, amafutha omngongo alapha isikhumba esidabukile futhi alapha nesilonda ngokuhlumisa uhlwayi lwempilo.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe