Indawo Emanzi duze Nomfula i-Orange

Izindawo Ezivundile

©Nigel J Dennis
UMfula i-Orange uwukuphela umthombo wamanzi ongapheli e-Richtersveld, futhi usekela izinhlobo ezivamile zendabuko.Inhlanzi ihlanganisa i-sharptooth, i-catfish (i-barbel),usadinsi,inhlobo enezintambo kanye ne-Namaqua barb. Iclawless otter yeKapa engabonakali ingabonakala emlonyeni womfula, e-Alexander Bay, futhi izinqwaba zezimvu zamanzi zingatholakala ogwini.
Umlomo omkhulu we-Orange River ungenye yezindawo ezivundile kakhulu esifundeni.ngeziqhingi, usekela ukuhlukahluka kwezinyoni ezihlukahlukene - ezifika kwinkulungwane eziyishumi. Lezi zihlanganisa omakholwane (abakhulu abaningi angabonakala behamba emanzini), iCape cormorants, amatitihhoye aphethwe, amahoye aseGibhithe, i-Cape teal, ivuba, i-South African shelduck kanye nezinhlobonhlobo ezingathintwayo. Kukhona nezinhlobo ezingaba ishumi nane ezibalwe ohlwini lwe IUCN Red List of Species. Lokhu kufaka phakathi i-Damara tern, i-African Purple swamphen, i-Barlow lark nenqomfi ye Kapa.
Ngenxa yalokhu, umlomo we-Orange River uye wamemezelwa ngengendawo ebalulekile yi-RAMSAR. Ngeshwa, indawo siye ylahlazeka kakhulu ngomsebenzi wezimayini owenzeka emabhange womabili; ukukhathazeka kwalo kunganakwa ngoba isendaweni eyezimayini edolobheni lase-Alexander Bay elingakaze livinjelwe. Manje, ngokubonga, iziphathimandla ezihlukahlukene zaseNamibia naseNingizimu Afrika zizama ukuvuselela lendawo futhi zibuyisele enkazimulweni yayo yangaphambili.

Translated by Nsika Khoza