Imbali Yenhlaba Namangxiwa we-Richtersveld

Ama Kokerbooms

©Shem Compion
Izihlahla zenhlaba ezinye zezitshalo zase-Richtersveld. Zingabizwa ngokuthi ama-kokerbooms, noma imithi yamangxiwa, lezi nsobonsobo zothi ezikhangayo zingaphila eminyakeni engaba amakhulu amane futhi zinehlobonhlobo zesimo nobukhulu. Zivame kakhulu futhi zingabonakala zikhuphuka ezigodini ezinamatshe futhi, ngezikhathi ezithile, eceleni komgwaqo. Igama elithi 'isihlahla somgodlo' libhekisela iziChwe namakhoikhoi ababengabazingeli, bevame ukuthwala imicibisholo yabo emagatsheni ama-kokerboom anembobo.
E-Richtersveld, izinhlobo ezintathu kwezinhlobo ezinhlanu ze-kokerboom zingatholakala. Lezi izi:
Isihlahla somgodlo/i- Kokerboom endala (Aloe dichotoma). Ikhula kuze kufike amamitha ayisishiyagalo lunye ubude futhi nohlanga olunamagatsha amakhulu namaqabunga akhula avela phezulu. Itholakala empumalanga yezintaba zaseStinkfontein nasenyakatho yeRichtersveld, lapho ikhula nogatsha nje.Ihlathi le-kokerboom (ebizwa ngokuthi ikoloni) e-Richtersveld National Park yiyona ndawo engcono kakhulu yokuhlola lezi zenzelo zasendulo.
I-Pillan's Quiver Tree, ebizwa nangokuthi iBastard Quiver Tree noma iBasterkokerboom (A. pillansii). Ikhula kuze kufike kumamitha ayishumi ubude nohlanga oludumbile. Inamagatsha ambalwa amakhulu futhi amaqabunga amakhulu kunomzala wayo, i- A. dichotoma.Kungikhumbuza izinwele zika Mel, ophuma kumfanekiso ohlekisayo u-The Simpsons, uma lokho kusiza. Zikhula ezintabeni eziseduze noMfula i-Orange, ukusuka eBaken kuya eTatasberg, enezandiso eziseningizimu entabeni ye-Dragon's Back ngase-Eksteenfontein. E-Richtersveld National Park, zingabonakala eHelskloof naseConell's Kop.
I-Maiden's Quiver Tree, noma i-Nooienskokerboom (A. i-ramosissima): Engajwayelekile kunezinye zama-kokerbooms, lesi sitshalo sifana nesihlahlana kunesihlahla.Sinamagatsha amaningi asakaza kusukela phansi. Ingakhula ibe ngamamitha amaningana phezulu futhi iqhakaze ngezimbali ezombala ophuzi, ngokuvamile ngoMeyi. Kutholakala emehlweni wezintaba eziphakeme futhi ngezikhathi ezithile eceleni kwemifula.

Isihlahlana Esingajwayelekile

©Shem Compion
Isihlahlana esingavamile kakhulu, i-Pearsons Aloe (i-Aloe pearsonii) iyinto ejwayelekile kwaHelskloof, eRichtersveld National Park nasezintabeni eziseduze ngaphesheya koMfula i-Orange eNamibia. Sinamagatsha amaningi aphansi anamaqabunga asanxantathu akhula emkhakheni ominyene, enamaqabunga amane ngomkhakha.
Lemikhakha ijika phansi ngephethini ekhangayo. Ikoloni e-Helskloof ibanzii futhi izitshalo zimboza ngokoqobo izintaba zohlu lwalunye uhlangothi lwendlela enamadwala. Lesi sitshalo sanikezwa igama ladokotela u-H.H.W. U-Pearson, umqondisi wokuqala weKirstenbosch Botanical Gardens, owaqala ukuqoqa isitshalo ngo-1910.

Translated by Nsika Khoza