Izinambuzane ze-Richtersveld
Indima Ebalulekile
Izinambuzane zidlala indima ebalulekile ohlelweni lwezinto eziphilayo zeRichtersveld njengoba zifaka isandla ekudleni kwezinhlobo eziningi ezikhudlwana, futhi nazo zinesibopho sokuqhola imifino eminingi. Njengenjwayelo, izinambuzane yizilwane eziningi kakhulu ngokwezinombolo, kanye nezinhlobo. Njengezinye izilwane ezihlala lapha, izinambuzane ziye zahlakulela izindlela eziningana zokukhula endaweni ehlane.
Lezi zindlela zokusinda zihlanganisa: umovu womzimba wokugcina amanzi, izinqubo zamakhemikhali ezikhethekile ezikhiqiza umswakama wangaphakathi, kanye nezinhlobo ezihlakaniphile zokucasha ezisiza ukuba zifane namadwala. Ezinye izilwane ezifana nomuhlwa ziyaziwa ukuthi zingubha kuze kube ngamamitha angamashumi amabili ngaphansi kwesihlabathi ukuze zithole itafula lamanzi. Izinhlobo eziningana eziphilayo ezincane ziguquke kanye nezitshalo eziphilayo futhi zaguquka ngokulinganayo ukuze 'zilungele' lezi zimo.
Amaqembu Wezinambuzane
Kunamaqembu amaningana ezinambuzane: abondli bokuqala (abadla izitshalo kanye/noma umpe), abondli besibili (abadla ukudla okuyisisekelo) kanye nabasekeli bensalela (abaxosha okwemvelo kanye nezicucu eziqhutshwa umoya). Ukutshala impova kwenziwa ikakhulukazi izinyosi (ikakhulukazi izinyosi zezinkumbi), izinyosi zezimpukane kanye neziqandi zempova (inani yezinhlobonhlobo zeziqandi zempova ezisentshonalanga yaseningizimu Afrika iphakathi kwezindawo eziphakeme kakhulu emhlabeni). Ezinye izinhlobo zezinambuzane zihlanganisa: izintethe, izibungu zebhungane, inyendle, inkuma,ishongololo amaqhwagi,izimpukane nokunye okunjalo.
Uvemvane Nembungulu
Kunezinhlobo eziningi zevemvane ezihlukile lapha, kuhlanganise ne-Namaqua Arrowhead, ingxenye ye-Boland Tholly, i-Warrior silver spotted copper kanye ne-Roseate Emperor (empeleni ibhu ehamba emini). I-Silverfish (eyaziwa nangokuthi i-fishmoths) ikhona e-Richtersveld futhi isifunda siyindawo enezimbungulu ezihlukahlukene, kuhlanganise nezinhlobo eziningi eziphilayo. I-Silverfish izinambuzane ezincane ezithakazelisayo: zitholakala ebusuku, zichithe izikhumba zazo, zikhula ngokushesha, zivela ngokugcwele emaqandeni azo futhi zithatha umswakama ngamuva kwazo - okuyinto ehlakaniphe kakhulu, uma ucabanga ngakho. Ngendlela, i-fishmoth (imbungulu ejwayelekile eyidla izingubo zakho) ayiyona yendabuko eNingizimu Afrika.
Ezethusayo
Ama-Arachnids, izinambuzane ezethusayo ezinemilenze eyisishiyagalombii, amelwe kahle e-Richtersveld. Lezi zihlanganisa isicabucabu se-trapdoor, isicabucabu se-buck spoor, izicabucabu ze-Sicarius, isicabucabu esimnyama kanye nesicabucabu selanga noma amaRoma (kufaka phakathi izinhlobo ezine ezikhona e-Richtersveld). Imindeni emithathu ka fezela nayo itholakala lapha, kuhlanganise ofezela bomhlabathi, ofezela bamadwala kanye nofezela onomsila odumbile (izinhlobo eziningana zazo zinobuthi kakhulu). Ngakho-ke, uma uvakashela endaweni, ungakhohlwa ukuhlola izicathulo zakho ekuseni!
Translated by Nsika Khoza