IMpepho

© Alice Notten of Kirstenbosch
Amafutha empepho aphekwa ngekhambi eliyimfukumfuku eliphila kade, elimila ezindaweni ezigudle ugu eNingizimu Afrika kanye nasezifundeni ezimangelengele zaseFleyistata naseLesotho. Impepho inezinhlobo eziwu-600, eziwu-240 zimila eNingizimu Afrika. Ezinhlanu zisetshenziswa eNingizimu Afrika ngokohwebo lokukhiqiza amafutha. Izinhlobo ezintathu ezinkulu okuyiHelichrysum odoratissimum (esetshenziswa kakhulu futhi ingumdabu eNingizimu Afrika). IH. Splendidum (engeyomdabu eNingizimu Afrika) neH.
Italicum (imbewu yayo yalethwa isuswa eNtaliyane). Futhi yaziwa ngokuthi iyingunaphakade, abendawo bayibiza ngokuthi impepho (amaXhosa namaZulu), noma ikooigoed (ngesiKhoisan, nange-Afrikaans). Ngokomdabu isetshenziswa ekubizeni amadlozi, ukukhipha umoya omubi egunjini noma ukushinqisela amagumbi eziguli.
Njengoba ixosha izinambuzane, yayendlalwa embhedeni futhi isiza ekuqwasheni. Kuthiwa ilapha ingcindezi nekhanda futhi ingasetshenziswa ukulapha ukukhwehlela, umkhuhlane nembo. Inezithako ezinzima ezibulala amagciwane nezinwana, okuyenza ibaluleke ebhokisini losizo lokuqala ngokulapha ukuluma kwezinambuzane ngisho okwesicabucabu, okukafezela nenyoka.

Amafutha empepho anezithako ezelapha ukulunywa (ifanelekile ukulapha ubuhlungu bemisipha, ubuhlungu bezicubu nofehlane), futhi ivimba isikhunta, nokubhibha ngenxa yezithako zayo ezihlumisayo ingasiza ekwelapheni izibazi, ukulunywa nezinduna. Izithako zayo ezilwa nokuguga zikhuthaza ukukhula kabusha kwezinhlamvu zempilo okuyenza intandokazi yokhilimu besikhumba nezithibalanga. Isetshenziswa ekugqumeni ukuqeda ukuvimbana emigudwini yamaphaphu futhi ilwa nama-allergy. Uma isetshenziswe ekwelapheni ngephunga iqeda inkathazeko iqinise nenxanxathela yemizwa.

Isimo sezulu yiso esilawula isivuno. Uma izithombo zithola imvula eyanele zingakhiqiza isivuno esingazvujnwa kazbili ngonyaka-entwasahlobo nakanjalo ekwindla. Izingxenye zesimila-amacembe, iziqu nezimbali-zisetshenziswa zomile noma ziluhlaza bese ukuphekwa kwayo ngomusi kukhiqize amafutha aphuzi ngokuphaphathekile futhi ahlambulukile, acishe abesamanzi. Iphunga layo lisho kakhulu, elenhlabathi namakhambi. Izithombo zitshalwa ngembewu noma ngeziqu (ngamahlumelo amasha angaqhakazi). Kunabakhiqizi eClocolan esifundeni saseFleyistata (itshaliwe enye isendle), enyakatho Gauteng, eBaviaanskloof (eMpumalanga Koloni) kanjalo eStellenbosch nasePiketberg eNtshonalanga Koloni.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe