Imihlahlandlela Yokuzihlukanisa

Ngubani Okufanele Azivalele Yedwa?

Ukuzihlukanisa kwabantu kwe-COVID-19 coronavirus kunconyelwa abantu abaxhumane ngqo kuleligciwane noma abaye ezindaweni ezinabantu abaningi abangenwe yileli gciwane ukuze bavikele ukudlulisela.

Izinyathelo Zokuzihlukanisa

Hlala ekhaya. Phuma kuphela uma udinga ukunakekelwa kwezokwelashwa.
Gada izimpawu zakho: Umkhuhlane, ukukhwehlela, ukuphefuzela.
Ukunakekelwa kwezokwelashwa ngokushesha okukhulu uma ugula.
Qiniseka ukuthi uyazi, futhi ulandele, izinyathelo zokufuna ukunakekelwa.

Lezi zinyathelo yilezi:
Shayela isikhungo sakho sezempilo ubatshele ukuthi une, noma uhlolelwa i-COVID-19 coronavirus.
Faka into yokuvala umlomo namakhala ngaphambi kokungena esikhungweni sezempilo.
Cela uchwepheshe wakho wezempilo azise i-NICD.

Imikhuba Yokuzivalela

Ungayi emsebenzini, esikoleni, noma ezindaweni zomphakathi. Gwema ukusebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi, noma amatekisi.

Zihlukanise nabanye abantu nezilwane ekhaya lakho. Uma ukwazi, sebenzisa indlu yokulala esehlukile.

Izindwangu zokuvala ubuso kufanele zisetshenziswe ukusiza ukuvikela ukwanda kwesifo kwabanye. Ukukhwehlela noma ukuthimulela endololwaneni yakho. Ngenye indlela, emboze umlomo nekhala ngethishu lapho ukhwehlela noma uthubelezela.

Hlanza izandla zakho kaningi. Ngensipho namanzi okungenani imizuzwana engamashumi amabili noma ngesiwasho esiqukethe i-60-95% yotshwala.

Gwema ukuthinta amehlo akho, nekhala, nomlomo wezandla ezingageziwe.

Hlanza izindawo ezinjengamatafula, iminyango, indlu yangasese, izingcingo, ikhibhodi, namacele amatafula nsuku zonke.

Translated by Nsika Khoza