I-Hoodia Yokunciphisa Umzimba?

© Alice Notten of Kirstenbosch
Ukufunwa ngoba iyelapha, iHoodia-gordonii ekhangayo eya nayo ibizwa ngokuthi i-ghaap ebabayo, i-Kalahari cactus, i-"bokhorings" (izimpondo zezimbuzi ngesiBhunu) noma ikhobab (ngesi-Khoisan). Lesi sitshalo sicwecwa futhi sidliwe singaphekiwe futhi siyaziwa ngezakhiwo zaso zokucindezela ukudla njengoba sasetshenziswa abazingeli bamaKhoisan ababevame ukuhamba izinsuku bengenakho ukudla namanzi.
Ukucwaninga kulesi sitshalo kwaqala ngawo-1960 kanti ngo-1977 okuthakiwe i-P57, kwakuhlukaniswe ne-Hoodia gordonii yiSouth African Council for Scientific and Industrial Research (CSIR). Lokhu okuthakiwe kuthumela izibonakaliso enqondwenii ukusiza umzimba ukuba uzizwe 'ugcwele' futhi uye wathengiswa njengamaphilisi okucindezela ukuvimbela ukudla. Ezinye izifundo ezitholakale ezilwaneni ziye zathola imiphumela emibi njengokwenyuka kokuduma kwenhliziyo. I-Hoodia itholakala njengesiphuzo,sampushana, amaphilisi, itiye, oswidi nama-capsules.
Lezi zitshalo zikhula ngezimo ezihlukahlukene (inhlabathi enogwadule) futhi zikwazi ukubekezelela ukushisa (ngaphezu kuka-40℃) nokubandayo (-3℃). I-Hoodia ikhula kahle kakhulu kusuka enzalweni. Izimbali ezinukayo zikhishwa ngo-September kuya ku-Okthoba okuheha izimpukane ukuba zisebenze okwempova.
Imbewu ebukeka njengezimpondo zezimbuzi (ngakho-ke igama lesiBhunu - 'bokhorings') zivela ekuqaleni kwehlobo. I-Hoodia itholakele kakhulu ezindaweni zaseKalahari eNingizimu Afrika (eNyakatho Kapa), eNamibia naseBotswana.
Qaphela: Zonke izinhlobo ze-Hoodia zibalwe njengezinhlobo ezivikelwe ngaphansi kwe-Odinensi Yokugcinwa Kwezemvelo uNo.19 ka-1974 futhi kudingeka imvume yokukhula, ukuvuna, ukuqoqa imbewu noma ukudayisa noma yikuphi ukwaziswa kweHoodia.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza