I-Baobab: Isiswakamiso Esinempilo

© Andrew Hankey from SANBI
Umuthi we Baobab (i-Adansonia digitata) ujwayelekile ezindaweni ezishisayo nezomile zase-Afrika, eMadagascar, eNdiya, eSri Lanka nase-Australia. Ukubheka umuthi onamagatsha abukeka njengezimpande, isiqu esikhulu somuthi singasondela ku-25 m. Lezi zihlahla zezithelo ezihlala isikhathi eside zikhula kalula eminyakeni engaphezu kwengu-1 000 ubudala. I-Baobab inikeza ukudla, amanzi kanye nenxoza kodwa futhi ikhiqiza imithi. Amaqabunga amancane asetshenziselwa ekuphekeni noma ekwelapheni umkhuhlane. Iziqu zisetshenziselwa ukwenza izintambo, iphepha futhi ziboshwe emigqeni lapho amanzi aphuthumayo ehlulwa emagatsheni nasemthini. Umthamo osampushana umthombo wemvelo we-khalusiyamyu (Ca), uqukethe i-magnesium (Mg), i-potassium (K) ne-B-vithamini eyinkimbinkimbi futhi yenza isiphuzo esiphezulu ngo-vitamin C.
Izimbali zalo ezimhlophe ezihlabayo kusukela ngo-Okthoba kuya kuDisemba ziphethwe yizilulwane futhi zikhiqiza izithelo ezinegobolondo elinzima nesothelo esisampushana nembewu ecebile ngamafutha. Izithelo - 12 cm ubude - ziwoma emithini bese ziwe emhlabathini lapho kuvunwa. Kulinganiselwa ukuthi kuthatha iminyaka engu-8 kuya ku-23 ngaphambi kokuba i-baobab ikwazi ukukhiqiza imbewu futhi isitshalo esikhulekile singakhipha izithelo ezingaphezu kuka-30 kg.
Anephunga elimnandi , amafutha we-baobab njalo ayadliwa, kodwa asetshenziselwa kakhulu embonini yokwenza ubuso bubukeke. Amafutha ane-esidi eningi, ama-monounsaturated nama-polyunsaturated ama-acids ane-omega-6 okuqukethwe okungu-30%.Okuthakiwe emafutheni (i-β-sitosterol) iyinhlangano enamandla kakhulu yokuvimbela kukhubazeka kwe-DNA . Iqukethe amavithamini A (ukuvuselela amangqamuzana omzimba), D3, K no-E. Amafutha e-Baobab enza amafutha amahle okugcoba. Amafutha ngokuvamile asetshenziselwa ukuphulukisa izinsini ezivuvukalayo, kodwa angavuselela izinwele ezomile , aphathe izindebe ezinamahlombe, asetshenziswe njengesiswakamiso sesikhumba futhi aphathe amamaki elula ngokugqugquzela i-collagen ukwakheka. Izakhiwo zayo ziyasiza ekwelashweni kwe-eczema kanye ne-psoriasis futhi zaziwa ukubuyisela nokuvuselela kabusha ulwabulo. I-Baobabs ingatshalwa ngembewu noma ngokufakelwa izithombo ezenziwe ngokwemvelo. Umuthi ukhula ezindaweni ezishisayo kuya ezindaweni kodwa uzwela kakhulu kuqhwa. I-Baobab igcina izibungu zezifo zegciwane le-cocoa.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza