Amafutha we-Buchu Oqashi Lwamakhalanti

©Alice Notten of Kirstenbosch
IBuchu ('boegoe' ngesiBhunu) yigama elijwayelekile lamalungu omndeni weRutaceae emnandi futhi ebaluleke ngokwelapha emhlabeni jikelele. Isetshenziswe eNingizimu Afrika emakhulwini eminyaka abantu beSan namaKhoi ukulwa nezikhalazo zokugaya ukudla, umkhuhlane kanye nezinhlungu manje isithako esiwusizo embonini yezokwelapha nokudla. Abahlali bokuqala eNingizimu Afrika bagxambuza amaqabunga eviniga nebhrendi futhi basebenzisa ukuphatha, izimpethu nezikhalazo zesisu.
Kunezinhlobo ezimbili kuphela ze-Agathosma crenulata (i-buchu yamaqabunga amade) ne-Agathosma betulina (amaqabunga ajikelezayo e-buchu) enobaluleko lokuthengisa ngamafutha ayo. Isivuno ingxenye ka-1 kuya ku 2% wezinto ezintsha. Amafutha asusiwe asetshenziselwa imithi yokwenza ubuso bubukeke, nephunga elimnandi (ukuheha ukunambitheka kwekhalanti emnyama) kanye nokombala wokudla.
Ngokwemithi isetshenziselwa ukwelapha izifo zenso nezikhalazo zesifuba. I-Buchu iphinde ikwazi ukulwa nokuvuvukala futhi isetshenziselwa amafutha okugcoba, okuthengiswa njengamanzi okuphuza noma njengamafutha ahlanzekile. Amaqabunga esitshalo izisebenzi zokuhlanza umzimba futhi anikeza ukukhululeka kwenkantshu yeqako nokuqumba. I-Buchu Oil ijabulela isimo se-GRAS - ngokuvamile samukelwa njengophawu lokuphephile - kokubili i-FDA ne-European Union. Ngenxa yentengo ephakeme yamafutha nokusongela amakoloni asendle, abalimi sebeqale ukulima ibuchu njengesitshalo sokuhweba. I-Buchu ivamile ezintabeni zaseWestern Cape. Ezohwebo kukhona izitshalo ePiketberg, eCitrusdal naseCederberg. I-Buchu ikhetha inhlabathi emunca amanzi kahle futhi ingahlwanyelwa kusuka kumbewu.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza