uNelson Mandela no Cyril Ramaphosa kwiSamithi Yokuthula

© Dr Peter Magubane
Abaholi be ANC uNelson Mandela no Cyril Ramaphosa bami ngakwimoto ngesikhathi kunomhlangano wabaholi wokumiswa kodlame kwi ANC/ Indlela kahulumeni yokuletha ukuthula.
uNelson Mandela wanqoba ukusingenisa kuguquko olunokuthula ukusuka kubandlululo kuya ekubuseni ngokwentando yeningi ngesikhathi seminyaka yakhe yobuMongameli. Njengomholi African National Congress (ANC), wayenomsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi isimo esasimanzonzo phakathi kwezinhlanga ezahlukene sasingeke siholele kumbhedukazwe eNingizimu Afrika. Yena kanye nabanye abaholi abaqavile eNingizimu Afrika baqinisekisa ukuthi izingxoxo zokuthula ziqhubeka kahle phakathi kwe National Party kanye ne ANC.
Osesithombeni nguMandela no Cyril Ramaphosa bephuma ezingxoxweni zesamithi yokuthula eyayigxile ekuvuseleleni izingxoxo lapho kwaso kunezahlakalo zodlame ezweni. Ngesikhathi saleyominyaka, uCyril Ramaphosa esemncane wayenobudlelwano obusondelene nokaMadiba futhi naye kusukela lapho waba ngoqavile. Waqala kwinyunyana yezohwebo, ngokuhamba kwesikhathi waba ngusomabhizinisi ocebile kwahamba waba nguMongameli waseNingizimu Afrika ngo February ku 2018.

“Uma amanzi eseqala ukubila kungubuwula ukucima umlili.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more