uNelson Mandela no Sarafina

© Dr Peter Magubane
uNelson Mandela uhlangana nomlingisi womdlalo waseshashashalazini i-“Sarafina”.
Sarafina! Umdlalo weshashalazi ngomculo waseNingizimu Afrika owawubonisa ngokwenzeka eSoweto ngesikhathi sombhkisho ka 16 June 1976 futhi wawethula indaba ngabafundi abazibandakanya kulemibhikisho. Imibhikisho yayimelene nobandlululo kanye nomthetho wemfundo eyayiqondiswe kubantu abamnyama eyayiphoqelela abafundi abamnyama ukuba bafundiswe ngolimi lwesibhunu kuphela.
uSarafina! Wabhalwa nguMbongeni Ngema wethulwa ngo 1988. Ngo 1992, wenziwa kabusha ukuboniswa kumabonakude ngalo igama lawo, kanti wafaka phakathi umlingisi wase Melika uWhoopi Goldberg. Umdlalo wabonisa ngokusobala impilo yeqiniso yangesikhathi sokubusa kobandlululo eNingizim Afrika futhi bawenza ukwazi ukubonisa ubudlelwano nokuzwelana ngokufaka umculo kuwo. Kulesisthombe, uNelson Mandela uhlangana nomlingisi walomdlalo othaswe ngomculo.

“Ngesinye isikhathi ukubamkhulu ezweni kulele kwisizukulwane. Ungaba yiso leso sizukulwane esikhulu. Makuqhakaze ubukhulu bakho.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more