uMandela ubingelela izingane e Boipatong

© Dr Peter Magubane
uMadiba ubingelela abantwana e Boipatong.
Ngesikhathi ekhankasa, uMandela wayevamise ukuxoxisana nezingane. Wayekholelwa ukuthi abantu abasha yibo ikusasa lesizwe futhi wasiza ukubumba izingqondo zabantu abasha abaningi ekhuluma ngokuthula, ukubekezela nokulingana kwabo bonke abantu.
Wasungula izikhwama zokunikela ngemali ezazisiza abantwana ababekhungathwe i HIV/Aids futhi wayebanaka abantwana uma ebabona emaralini ngoba wayekukhuthalela ukuhlangana axoxisana nabantu abasha kwimigubho. Wayengumuntu omkhulu impela ezweni ehlonishwa nangabantu beminyaka yonke eNingizimu Afrika. Noma ngabe uMadiba wayesayinda isishicilelo sakhe noma emamatheka ngokujula komcabango, wayesakwazi ukuba nomthelela ojiyile kubasha base Ningizimu Afrika.
iBoipatong kwakuyindawo yabahlali basemijondolo iseduzane nendawo yezimboni eVereeniging eGoli. Kwakuyindawo okwenzeka kuyo isibhicongo sokubulawa kwabantu abangu 45 ngo 1992. Kwaba nakuhlongoza ukuthi amaphoyisa kanye nohulumeni weqembu i National Party babebandakanyeka kanti lokhu kwaholela ekulibaziseni izingxogxo kwimihlangano ye CODESA.

“Akekho umuntu ozalwa ezonda omunye umuntu abambala munye esikhunjeni sabo, noma imvelaphi yakhe, noma inkolo yakhe.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more