uMadiba nomzukulu wakhe uBambatha

© Dr Peter Magubane
Bahlangana amehlo ngamehlo uMadiba nomzukulu wakhe u Bambatha.
uMadiba kwakuyindoda ewuthandayo umndeni wayo. Wayenabantwana abayisithuba, abazukulu abangu 17 kanye nesizukululwane esingu 19 kanti wayebathanda kakhulu bonke. Indodakazi kaMandela uZindziswa Mandela-Hlongwane wayenendodana ogama layo lingu Bambatha, wayengumntwana omncane ngesikhathi uMandela ekhululwa ejele. Osesithombeni lapha ngubaba wesizwe egone umzukulu wakhe, emamatheka kakhulu ejatshuliswa ukubamba umntwana, lapho wayebonisa olunye uhlangothi lwakhe ulontofontofo, olunakekelayo lalomholi oqavile.
uMadiba wayebathanda abantwana futhi wayevamise ukuma lapho kunama rali nemicimbi kukhona nabantwana athi ukubadlalisa. Yize noma wayesuke eswenkile futhi enesithunzi, kwakunohlangothi lwakhe olunakekelayo olungazange lubonwe ngabantu abaningi ngaphandle kwezithombe.
Egqugquzelwa uthando lwakhe ayenalo ngabantwana uMandela wasungula isikhwama sokuqokolelwa kwezimali zabantwana sikaNelson Mandela ngo 1995 futhi wayenikela isigamu seholo lakhe esasebenza njengoMongameli kulesisikhwama. Ngeminyaka emibili nje kuphela kwase kuqokelelwe izigidi ezingu 36 nezasiza ukuxhasa imisebenzi engu 780.

“Nikeza ingane uthand, ukuhleka kanye nokuthula.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more