Ukutshala Isaqathe

© Louise Brodie

Ukusabalalisa

Ukusabalalisa kwenziwa imbewu, isaqathe asikwazi ukufakwa kabusha.

Indlela Yokutshala

Izinhlamvu zesaqathe zihlwanyelwa ngqo ensimini emagqumeni. Ukutshala ngomugqa kungcono kunokusakaza. Ukujula kwembewu kufanele kube yi-25 mm kuya ku-40 mm enhlabathini evulekile, elula. Ukujula kokutshala kufanele kube okujulile ku-10 kuya ku-15 mm emhlabathini onzima nangezinyanga ezibandayo. Kunconywa ukutshala okujulile ehlobo lapho inhlabathi yoma ngokushesha. Hlwanyela enhlabathini enamanzi bese ugcina inhlabathi imanzi.

Ukuvuleka Kwendawo

Izitshalo kumele zihlukaniswe ngamasentimitha angamashumi amabili emigqeni engamasentimitha anagamashumi amane kuya kwamashumi amabili ngaphandle. Ubuningi bezitshalo eziyi-150 kuya ku-200 per m².

Isikhathi Sokuhlwanyela

Amakherothi angatshawla izinyanga eziningi zonyaka uma izinga lokushisa lifanele ukukhula okuhle. Kodwa isimiso esihle nguNcwaba kuya ku-Mfumfu noNhlolanja kuya ku-Mbasa.

Isikhathi Sokutshala

IKherothi ayikwazi ukufakwa kabusha.

Isikhathi Sokukhula

Izinsuku eziyi-100 kuya kwezingu-120.

Isivundiso

Iziphakamiso zesivundiso kufanele zisekelwe ekuhlolweni kwenhlabathi.
Njengomhlahlandlela jikelele, ingxube ka-150 kg / ha yomanyolo we-2: 3: 4 (24) kufanele ifakwe enhlabathini engaphezulu kuka-20 cm ngaphambi kokutshala.
I-potassium kufanele isetshenziswe ngeviki lesine futhi emavikini ayisishiyagalombili ngemuva kokutshala.
I-limestone nitmonium nitrate ngesilinganiso esingu-100 kuya ku-200 kg / ha kufanele isetshenziswe njengesembozo cishe amasonto ayisithupha emva kokutshala.

Ukunisela

Uma imbewu ihlwanyelwa kuqala ukuqinisekisa ukuthi inhlabathi ihlala imanzi. Lokhu kungadinga ukunisela nsuku zonke.
Ezimweni ezipholile nisela 25 kuya ku-30 ​​mm ngeviki ngezikhathi ezijwayelekile ukuqinisekisa ukuthi inhlabathi ihlala inamanzi. Emazingeni okushisa afudumele umhlaba ungadinga u-50 mm ngeviki lokunisela.

Translated by Nsika Khoza