Ukuphathwa Kwekherothi
Ukushintshaniswa Kwezitshalo
Kunconywa ukushintshanisa izitshalo emhlabeni lapho izaqathe zikhiqizwa khona njalo ukuze kunciphise ukukhulelwa izilokazane ezikhathazayo nezifo zenhlabathi.
Ijikeleza kahle neklabishi, ulethisi, ithanga kanye notamatisi. Ukuze uthuthukise amazinga omsoco omhlabathi jikeleza nezitshalo ezisandumba njengobhontshisi.
Inzalo - Amathani Amahektha Ngalinye
Ngokulondoloza: amathani angamashumi amabili
Isilinganiso sangaphakathi: amathani angamashumi amathathu
Kuhle: amathani angamashumi amane kunyuka
Ukuvuna
Ukuvuna izaqathe kusukela emavikini ayishumi nambili ukuya kwayishumi nane kusukela ekutshaleni, lokhu kubuye kuncike ekutshalweni kwezitshalo kanye namazinga okushisa ngesikhathi sokukhula. Kuvunwa ngesandla noma kuvunwa ngomshini. Ukuvuna kwewnziwa lapho inhlabathi imanzi.
Izaqathe zivunwa uma zivuthiwe ngokuphelele (cishe u-20mm ububanzi) ukwandisa impilo yazo.
Faka izaqathe endaweni epholile enomthunzi emva kokuvuna.
Isitoreji
Kungcono ukuvuna izaqathe lapho zidingeka ukudliwa noma ukuthengiswa. Susa amaqabunga ngaphambi kokugcina, ukwandisa impilo. Izaqathi ezintsha, ezivunwa uma zivuthiwe, zizohlala izinsuku ezinhlanu ekushiseni okukhulu (20 ° C), kanye nezinsuku eziyisikhombisa kuya kwezingu-21 ekamelweni elibandayo noma esiqandisini.
Izilokazane
Umswenya, i-bollworm, i-plusia looper nempukane yekherothi
Izifo
I-Alternaria leaf blight, i-bacterial leaf blight kanye ne-cottony rot.
Translated by Nsika Khoza