Ukuphathwa Kokulima Ubhontshisi Oluhlaza

© Louise Brodie

Ukushintshanisa izitshalo

Izitshalo zebhontshisi eziluhlaza kufanele zitshintshwe nezinye izitshalo ezingekho sandumba ukuze kugweme ukudluliswa kwezifo ezifana neFusarium-Wilt, Anthracnose kanye nesigoco samabhaktheriya.

Inzalo - amathani amahektha ngalinye

Isilinganiso esincane: Amathani ayisithupha
Isilinganiso saphakathi: Amathani ayisishiyagalombili
Isilinganiso esihle: Amathani anyishumi nambili kunyuka

Ukuvuna

Qala ukuvuna emavikini ayishumi. Phinda ukuvuna izinsuku ezimbili kuya kwezintathu kamuva ukugqugquzela izimbali ezintsha ukuze uthuthukise ukukhiqizwa. Emva kwalokho ukuvunwa kwansuku zonke kungenziwa ukuze ubambe izimuma uma zintsha futhi ubumnene njengoba ubhontshisi uvuthwa ngokushesha, ikakhulukazi njengoba isimo sezulu siqala kuze kube sehlobo.
Vuna ubhontshisi obuluhlaza ekuseni njengoba obhontshisi bekwazi ukulahlekelwa amanzi uma befakwe ezimweni ezifudumele. Kubalulekile ukufaka ubhontshisi endaweni yokugcina epholile ngokushesha phansi kwamahora amabili.

Isitoreji

Gcina ubhontshisi emazingeni okushisa aphakathi kwamane namahlanu okwnsuku eziyisikhombisa ukuqinisekisa ukuhambisa umkhiqizo wekhwalithi. Okungcono ukuthi umswakama ongaphezulu kuka-90% kufanele ugcinwe endaweni yokugcina.

Ukulawulwa kwezilokazane ezikhathazayo kanye nezifo

Kubalulekile ukuthi umkhiqizi athole iseluleko esivela kulesi sikhulu sesifundazwe noma esinye isazi samakhemikhali sokulawulwa kwezinambuzane nezifo.

Izinambuzane

Umswenya, inkinga ejwayelekile kunazo zonke kakhulukazi umswenya wezimpande kufanele ufafaze umhlabathi ngaphambi kokutshala, i-American bollworm, izilokazane eziphila emanzini nasemhlabeni, impukane yethanga, isicabu esibomvu nama-Thrips yizinye izilokazane ezikhathazayo ezivamile ekukhiqizweni kwabhontshisi.

Izifo

Ezinye izifo ezivamile ezithinta ukukhiqizwa kwabhontshisi oluhlaza yi-Rust, Bean Mosaic Virus, i-Fusarium Root Rot, i-Anthracnose, i-Bacterial Blight ne-Sclerotinia.

Translated by Nsika Khoza