Ukulawulwa KweShaladi Lenyoka

© Louise Brodie

Ukushintshanisa Izitshalo

Ucebiswa ukuthi usebenzise ukujikeleza kwezitshalo ngoba lokhu kunciphisa izilokozane ezikhathazayo. Izitshalo ezifana no klabishi noma utamatisi zisebenza kahle kodwa gweme ukutshala amabhalbhu nezitshalo ezingathinteka yizilokazane noma izifo ezifanayo ezingathinta ishaladi lenyoka. Uma ukujikeleza kungenakwenzeka, khona-ke ukufafaza kanye nezindlela zokuvikela izitshalo eziqinile kufanele zenziwe.

Isivuno - amathani ngehektha

Isilinganiso esiphansi: amathani ayisishiyagalombili
Isilinganiso sangaphakathi: amathani ayishumi
Isilinganiso esihle: amathani ayishumi nanhlanu

Ukuvuna

Ukuvuna Ishaladi lenyoka kuvame izinyanga ezinhlanu ukuya kweziyisithupha emva kokutshala. Njengoba isikhathi sokuvuna sesiseduze, amaqabunga azoqala ukulenga futhi aqale ukufa. Uma amaphesenti angaba ngu-50 amaqabunga efile ishaladi lenyoka ingavunwa.
Ukuvuna kungenziwa ngesandla noma ngomishini. Ibhalbhu kufanele ikhululwe kuqala emhlabathini. Imfologo ingasetshenziselwa ukukhulula inhlabathi eduze kwebhalbhu futhi ibhalbhu iphakanyiswe ngaphandle kokuphula isitshalo, njengoba lokhu kuzokwengeza impilo yeshalofu. Abavuni bemishini benza inqubo efanayo kuphela ngokushesha kakhulu. Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa amaqabunga nezimpande kuyonqunywa kusuka ku-isibhamu kanye neshaladi lenyoka zithunyelwa lapho ziyokugcinwa.

Isitoreji

Ishaladi lenyoka ingagcinwa kuze kube izinyanga eziyisithupha ekamelweni elibandayo ngo-0°C nomswakama ka 60%. Iziqukathi agcinwe kuzo kumele avumele umoya ukuba ujikeleze ngokukhululekile.

Izilokazane Ezikhathazayo

Ama-Thrips, ama-Nematodes, umswenya, i-Pink stalk borer.

Izifo

Isikhutha, i-Brown Rust, i-Fusarium rot, isikhunta se-Penicillium, i-Pink Root rot ne-Leaf Blight.

Translated by Nsika Khoza