Roobernet

© Glenneis Kriel

Incazelo

I-Roobernet amagilebhisi abomvu athuthukiswa eNingizimu Afrika ngama 1960s ngu profesa Chris Orffer ngokuhlanganisa I-Cabernet Sauvignon ne Alicante Bouschet. Lenhlobo icishe ifane ne Pontac, I-Roobernet iyingxenye ye teinturer – ngenxa yamakhasi ayo namafutha abomvu.

Umsuka

Ningizimu Afrika.

Amanye Amagama

Ayinawo.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

Kunama hektare angangama 270 eRoobernet atshaliwe la eNingizimu Afrika, amadala atshalwa ngo 1996 eStellenbosch.

Izindawo Ekhiqizwa Kuzo

Uningi lwe Roobernet lutholakala eBreedkloof (amahektare angama 56), eRobertson khona kunama hektare angama 52, eSwartland amahektare akhona angama 42, awase Paarl angama 43 bese atholakala eStellenbosch bengama 32.

Ukukhula

It is a vigorous upright grower that produces yields of 8 – 14 ton/ha. A trellis system will accommodate its vigorous growth.

Ukuvuthwa

I-Roobernet njenge Cabernet Franc ivuthwa masekuphela isikhathi sokuvunwa amagilebhisi. Ivuthwa kahle mangabe izinga lobushushu lingu 21—23° i-balling, futhi u asidi ungu 6-7 g/l.

Amaqabunga

Inamaqabunga aluhlaza amenyezelayo, angamakhulu kakhulu futhi anamadlebe amathathu.

Amajikijolo

Umvini we Roobernet ukhiqiza izigaxa ezigexayo futhi ezincane. Amajikijolo ayo avame ukuba mnyama, bese ikhasi libonakale ngathi lishwabene bese livuthwe kahle. Amafutha awo abomvu njengegazi.

Izinambuzane Nezifo

Lamagilebhisi ayakwazi ukumelana nokubola okunjenge botrytis, kodwa avame ukutholwa yizifo ezinjenge oidium, downy mildew, dead-arm (streepvlek) kunye ne dying arm (tandyn). Lamagilebhisi ayakwazi ukumelana nomoya kodwa ayafa mekunohlaka.

Ukusetshenziswa

I-Roobernet kwenziwa ngayo iwayini elibomvu, futhi ibuye ihlanganiswe namanye amawayini ngexayokuthi inombala ogxilile. Isike yasetshenziswa ngama 2001 eFleur du Cap lapho yahlanganiswa khona ne Pinotage ukuze kwenziwe iwayini ekungeyase Ningizimu Afrika kuphela. Kukhona nenye futhi eyenziwa ngu Jacques Smit ekuthiwa yona i- Cape Ruby port style Roobernet.

Ukunambitheka

Kuthiwa i-Roobernet yiwaini elibomvu elingajwayelekile, futhi inephunga elingathi elotshani kodwa futhi amajikijolo na mantongomane aye azwakale nawo. Ngenxa yombala wayo ovele ugxilile, i-Roobernet ikhula kahle esihlabathini esingu medium-high-potential. Mangabe ikhulele endaweni enje, iyavama ukunambitheka ngathi yi Cabernet Sauvignon.

Translated by Nwabisa Ngumbela