Nezinselele Yezithombo Zezitshalo Zendabuko Ningizimu Afrika

© Bernard Dupont
Indigenous fruit like marula are wild-harvested and can provide both nutrients as well as income.

Ubuhle Bezithombo Zezitshalo Zomdabu

Ziyizithombo ezinamandla, zimila kangcono nasekuguqukeni kwesimo sezulu. Ziwumthombo wokudla olondolozeka isikhathi eside. Ziyasiza ekugcineni ifa lamasiko nosikompilo.
Zithiba indlala ezindaweni zasemakhaya ngenkathi yesomiso nezinye izigigaba zokugcugca kwezitshalo. Zihlinzeka nomsoco emindenini yasemakhaya. Zinamathuba okufaka imikhiqizo emisha emakethe - njengecereal yesidlo sasekuseni. Zingahlomulisa imiphakathi yasemakhaya ngenzuzo yemali ethe xaxa lapho izithelo zomdabu zithela khona.

Izinselele Ezibhekene Nokudla Komdabu

Ukwesweleka kwembewu nezinye izikhali zokutshala. Ukungandi kokudliwa kwezitshalo zomdabu kuholela ekuncishisweni komkhiqizo walezi zitshalo. Iningi lezi zitshalo ezidliwayo zomdabu zidliwa zingagayiwe. Lokhu kungenxa yokwesweleka kobuchwepheshe bokugaya.
Naphezu komsoco nezinga lokuthi izitshalo zomdabu zeNgabadi zingathengiswa, ziyingcosana ezithengisiwe. Ukwesweleka kokuthuthukiswa kwalezi zitshalo yingakho zingakaze zifakwe ezitolo. Iningi lezi zitshalo zomdabu zisakhiwa endle. Lokhu kungaba nomphumela wokuthi lezi zinhlobo zezitshalo zishabalale ngenxa yokungalondolozwa ngokwenele.

Translated by Zoza Shongwe