Izimila Zomdabu Nomsoco eNingizimu Afrika

© Roger de la Harpe
South Africans are over-reliant on maize and should diversity their diets to include more indigenous fruit and vegetables.
Ukudla izinhlobo ezahlukene zezithelo nemifino njalo kuqinisekisa ukuthi ufaka umsoco onhlobonhlobo emzimbeni. Umsoco uyadingeka ukugcina umzimba uphilile nomqondo uphusile futhi usiza nezingane ukuthi zikhule, zithuthuke.
Ukuze uhlale uphilile kubalulwa ukuthi kumele udle njalo kulamaqoqo okudla alandelayo: Ukudla okuyisitashi, imifino nezithelo okusha, ubhontshisi owomile (noma uphizi, amalentili noma umngomeni (isoya), inyama (inyama ebomvu, inkukhu, inhlanzi noma amaqanda), ubisi (ubisi, amasi, iyogathi), amafutha namanzi.
Ngokufaka nezimila zomdabu emaqoqweni okudla ahlukene uthuthukisa ukudla kwakho kube nomsoco. Isibonelo, izindumba zineprotein enkulu ne-iron (futhi zingathatha isikhundla senyama), kanti amasethole anovitamin C omningi. Okubaluleke kakhulu ukuthi lezizimila zingatshalwa ezivandeni, emasimini futhi ziyamila kakhulu nasendle ngokwemvelo.
.Ezingeni likazwelonke iNingizimu Afrika ekhiqiza ukudla okwenele, empeleni, iyizwe elithengisela amanye izitshalo ezidliwayo eziningi. Naphezu kwalokhu abantu abayizigidi eziwu-14 eNingizimu Afrika kuthiwa abanakudla okwanele. (Ukubanokudla okwanele kusho ukuba nokudla okuphephile futhi okunomsoco). Uhlelo lokudla lwaseNingizimu Afrika lugxile ezitshazlweni ezimbalwa futhi kunokuncika emmbileni kakhulu. Kukhona nokuncipha kokukhiqizwa kokudla emndenini futhi kunomcabango omubi wokuthi izimila zomdabu ziwukudla kwabampofu.
INingizimu Afrika inengxube yezimila engeyesithathu ngobukhulu emhlabeni. La magugu emvelo atholakala kuyo yonke iNingizimu Afrika futhi ayinala ezindaweni zasemakhaya. Ezindaweni zasemakhaya, ukudla komdabu kungaba yingqikithi yempilo. Imiphakathi ingathembela ekudleni komdabu ukuze yesekela ukudla kwesimanje futhi kungabasiza ekuthibeni indlala ngezikhathi zobunzima.

‘Indlala Efihlekile’ eNingizimu Afrika

Yize kungenabufakazi bendlala egcwele izwelonke eNingizimu Afrika, ucwaningo lwezwelonke luthola ukuthi ithe chithi saka ‘indlala ecashile’ (ukwesweleka komsoco) nokwanda kokuzimuka kwabadala nokubhasha kwezingane (zingakhuli ngokwanele).
Ucwaningo lwenziwa yiWater Research Commission neNyuvesi yasePitoli ngo-2013-2015 ezindaweni ezintula kakhulu ezifundazweni ezine zaseNingizimu Afrika, ukubheka ukuthi ukutshalwa kwezimila kunaliphi iqhaza ekuvimbeni indlala.
Ucwaningo luveza ukuthi imizi eminingi yakwazi ukuthenga impuphu kwathi lapho imali ivuma khona, lesi sidlo sempuphu sashetshwa ngo-anyanisi notamati noma ikhabishi. Isiphetho socwaningo kwaba ukuthi lesi sidlo siswele okuningi okuqinisekisa inkuthalo nokukhula kwengane. Futhi lwathola nokuthi kunokuxhumana phakathi kokutshalwa kwezitshalo nokuphakama kwezinga lokudla ekhaya. Ngaphezu kwalokhu, inzuzo evela ekulimeni nasekuniseleni yandisa ukudliwa kwenyama, amaqanda, izithelo nemifino.
Ucwaningo lwabuye lwakhomba ukuthi yiziphi izimila ezingathuthukisa umsoco. Imifino enamacembe aluhlaza ngokuzothile njengespinashi, amacembe kabeetroot, ubulwazi (nettle), umsobo, i-amaranth nocucuza kubaluliwe kanjalo nezilimo ezinjengesquash (okusaselwa), igreen pepper, uletucce, ithanga, utamati namababy marrow.
Izithelo zandisa umsoco ekudleni nalezo ezingatshalwa eNingizimu Afrika ezimbandakanya; umango, upopo, ukotapeni (i-avocado), umganu nekhabe. Izimpande ezinjengamadumbe nobhatata ziyabalulwa futhi kanye nokuyizinhlamvu njengezindlubu, izindumba namantongomane.
Ekongeni amanzi-izimila zomdabu ezingadli amanzi amaningi-zimbandakanya amadumbe, ubhatata, isquash, imifino yase-Afrika, izindumba, ubhinjolo (eggplant), igreen pepper, u-anyanisi, ikhabe, amakhiwane, amalekwati, nakhonke okuyizinhlamvu.
Ezinye izeluleko zalolu cwaningo yilezi:
Tshala okushubile ngomsoco njengobeetroot.
Bekelela amanzi emvula noma faka izinto zokunisela.
Amapayipi nemithombo yamanzi (boreholes) kungadingeka ezindaweni ezomile.
Ukuthuthukiswa komsoco wezimila ezinomsoco onzulu kuyadingeka, ikakhulukazi izimila ezinjengobeetroot.

Translated by Zoza Shongwe