Izindlela Zokuphepha Ongazilandela Ukugwema Ukutheleleka une-Coronavirus

Geza Izandla Zakho
Geza izandla zakho ngensipho ngokuphelele.
Geza ngemuva kwezandla zakho, phakathi kweminwe nangaphansi kwenzipho.
Hlala ugeza izandla ngensipho ngaphambi kokudla nangemva kokuba obala emphakathkni.

Ukuhlanzeka Okuhle Komuntu
Mboza umlomo wakho ngephepha lezicubu lapho ukhwehlela noma uthimula.
Gwema ukuthinta ubuso bakho ngezandla ezingcolile ngaso sonke isikhathi.
Uma kufanele, qiniseka ukuthi ugeza izandla zakho ngensipho kuqala.

Ungabelani Ngokudla Nezitsha
Amagciwane angadluliselwa kwimimese, amafoloko nezinkezo.
Sebenzisa izitsha ezihlanzekile kuphela futhi ungabelani ngeziphuzo.
Hlanza izandla zakho njalo ngaphambi kokudla.

Bona Udokotela Uma Ugula
Izimpawu ezejwayelekile zihlanganisela ukukhwehlela, impumulo egelezayo, umkhuhlane kanye nokuphefuzela.
Uma uhlangabezana nanoma yiziphi zalezi zimpawu, funa usizo lwezokwelashwa ngokushesha.
Shayela umtholampilo noma udokotela ngaphambi kokuvakasha kwakho futhi ubatshele ngezimpawu zakho nomlando wokuvakasha.

INOMBOLO ZOKUSHAYELA NOMA YISIPHI ISIKHATHI: 0800 029 999

Translated by Nsika Khoza