Isithelo se-Red Milkwood Siqukethe Inani Eliphakeme Lamavithamini C

© JMK
I-Red Milkwood (iMimusops zeyheri) nayo ibizwa ngokuthi i-moepel, i-Mmupudu, umPushane, Nhlantswa ne-Mubanga futhi idabuka e-Afrika. Umuthi omkhulu ohlezi uluhlaza ,onomthunzi u-Red Milkwood unomdabu ezindaweni ezingasenyakatho zeNingizimu Afrika futhi ukhula ezindaweni ezikude ezikhungweni zamadwala, ezindaweni ezisemagqumeni nasezindaweni zomfula eLimpopo, eGauteng, eNorth West, eMpumalanga, esifundazweni saKwaZulu-Natali naseFree State. Amaqabunga adliwa impofu nezindlovu ngenkathi isithelo sidliwa yizinkawu, izingulube zasendle kanye nabantu.
Isithelo se-Red Milkwood sinoshukela futhi sinamavithamini C (aqala ukusuka ku-50 kuya ku-90 mg nge-100 g) futhi ilungele ukuvuna kusukela ngo-Mbasa kuya kuMfumfu lapho ilahlekelwa amasi esithombo anamathela esikhumbeni sezithelo ezingavuthiwe. (Amasi esithombo amanzi asabisi akhiswa isitshalo uma sonakalisiwe.) Isithelo esiyisiyingelezi esithi asifane neqanda esewolintshi singavunwa singavuthiwe ngokuphelele futhi sivuthwe ngemva kosuku olodwa kuya kwezinsuku ezinhlanu.
I-Red Milkwood inamandla okusebenza kwezomnotho nezomsoco ezindaweni ezomile futhi nezomile okwengxenye. Ucwaningo oluhlose ukukhethwa kwesihlahla sesithelo somdabu esingasetshenziswa kwezokuhweba lubonise i-Red Milkwood njengentandokazi (92.5%) ukutshala uma kuqhathaniswa namaphesenti angu-64 abalimi abazohlwanyela i-mobola plamu. Abalimi kuzo zonke izifunda babe nomuzwa wokuthi kunesidingo esikhulu sokuthengiswa kanye nokuhweba kwezihlahla ze-Red Milkwood "ngoba lezi zihlahla zezithelo yingcosana emvelweni ngokumelene ne-marula".
I-Red Milkwood isiza ekunciphiseni imikhuhlane yokushoda kwa-vithamini C, ikakhulukazi njengoba izithelo zenzeka phakathi nentwasahlobo lapho ivithamini C ezindaweni zasemaphandleni ingekho. Izithelo zikhiqiza inkafunkafu eyomisiwe yendabuko okuthiwa "sesema" engaboli ngokushesha futhi isebenza njengento yokudla emnandi ngesikhathi sasebusika. Umuthi uhlwanyelwa kalula kusuka kumbewu futhi ukhetha izifunda zemvula zasehlobo ezingenaqhwa. Inezimpande ezingenamandla,ezilwa noqhwa nesomiso futhi ngenxa yokuphuma kwamasi esithombo ayihlaselwa izilokazane ezikhathazayo eziningi. I-Red Milkwood ifaneleka ifenya futhi ukusika kukudingekile ukuze ikhiqize izithelo ezinhle. Izitshalo zokwelashwa nezidliwayo zasendle zaseBotswana njengamathuba amasha okuvuna.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza