Intebe yePhayinaphu – Umuthi Wesintu Odumile

© Roger de la Harpe
Intebe yephayinaphu eyismanga isitshalo esinamaqabunga esibonakala sengathi sifana nophayinaphu oluhlaza.Sidabuka eNingizimu Afrika, izimbali zalo eziphuzi-luhlaza zithwala ameva amade namaqabunga aluhlaza phezulu. I-Eucomis autumnalis nayo ibizwa nangokuthi i-krulkoppie (isiBhunu), ubuhlungu becanti noma isithithibala emthunzini (ngesiXhosa) umathunga, ikhokho noma umakhandakantsele (ngesiZulu). I-Eucomis ibhekisela ku-eukomos yesiGreki - 'ikhanda elihle kakhulu', kuyilapho i-autumnalis ibhekisela esikhathini sonyaka izithelo zivuthwa.
Nakuba isigaxa sinobuthi, abahlengikazi bendabuko basebenzisa ingxube emanzini noma ebisini njengenhloso yokwelapha izinhlungu emuva , izinhlungu zesisu, isilumo nokugcwala komoya esiswini. Kungasiza futhi ukukhulula ibhabhalazi, ukwelapha isilifi, ukuphula imfiva nokudala ukuzalwa. Amakhemikhali (ama-flavonoids) atholakale entebeni aphikisana nokuvuvukala nokhunta.
Ucwaningo olwenziwa yiNyuvesi yaseNatali lithole ukuthi amaqabunga ezitshalo ezincane nama-bhalbhu kanye nezimpande zezitshalo ezindala zibonisa umsebenzi ophezulu wokulwa nokuvuvukala, kanti amazinga akhula kuze kube sekupheleni kwesikhathi sokukhula. Lokhu kuqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa kwamaqabunga nezigaxa zentebe yephayinaphu ekwelapheni imfiva kanye nobuhlungu obuhambisana nokuvuvukala.
Ngaphezu kwalokho, i-E. autumnalis iyisisombululo samakhambi esetshenziselwa kakhulu ukuvuselelwa komuntu osanda kuhlinzwa kanye nokwelashwa kwamathambo eNingizimu Afrika.
Intebe yephayinaphu ingenye yemithi yesintu ethandwa kakhulu esetshenziselwa abagulayo kanye nokuvuna okukhulu kwendle kusenze lesi sitshalo sibesengozini yokuxhaphazwa ngokweqile nokuqothulwa. Ucwaningo lubonise ukuthi unani elijwayelekile lamabhalbhu athengiswa njengemithi linciphile kakhulu phakathi kuka-1995 no-2001. Lokhu bekukholakala ukuthi kuyisibonakaliso sokuxhaphazwa ngokweqile.
Kunezinhlobo eziyishumi eziseningizimu ye-Afrika ezitholakala emfundeni, emifuleni nasehlathini ezivela eMpumalanga Kapa kuya eziqhingini zaseZimbabwe. Ukusabalalisa kungenxa yembewu noma izithombo ezinqunyiwe. Isitshalo esibukekayo, intebe yephayinaphu ihlwanyelwa emadwaleni, kodwa iyokwenza kahle ngenhlabathi ecebileyo.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza