Igqeba Elimhlophe Lisetshenziswa Njengomendlalo

© Abu Shawka
Igqeba elimhlophe, iTarchonanthus camphoratus yaziwa futhi ngokuthi ileleshwa, i-African sage noma ivaalbos (ngesiBhunu). Igama lalo elithi camphor bush lichaza iphunga lamacembe alo. Isihlahlana esinamacembe ampunga futhi sikhula sibephakathi kuka-2m no-9m ukuya phezulu. Izimbali zaso ezimpofu ezimila emakhandeni embewu ewuboya ayesetshenziswa ukugqisha imiqamelo.
Izilwane zasendle zingabonakala zizikhuhla esiqwini segqeba. Ucwaningo lukhombisa ukuthi lezi zilwane azihlushwa izinambuzane. Ngokufanayo, liyasetshenziswa ngamaMaasai akholelwa ukuthi liyasiza ekuvimbeni izinambuzane futhi libanga ubuthongo obude. Abafuyi besifundazwe saseNyakatho-Ntshonalanga eNingizimu Afrika baxuba amacembe amasha egqeba nokudla kwemfuyo yabo ngenxa yokuthi aqukethe (u-30%) womsoco wamaprotein. Ukhuni lwegqeba luyasinda futhi aludliwa yimihlwa, luhle ekubazeni izikhali zomculo nasekuhlanganiseni imigoqo noma imishayo ehlukene.

Igqeba liyasiza ekwelapheni imikhuhlane, izilonda namanxeba futhi ivimba ukonakala kwezimonyo zomzimba nesikhumba. Ukuhogela intuthu yamacembe avuthayo kungaqeda ukuvimbana kwamakhala nokunkenketha kwekhanda ekubeni izichonco zamaqabunga zilapha ukukhwehlela, ubuhlungu bezinyo, isifuba nesisu. Amacembe ayasetshenziswa ukuphulula ukugongobala komzimba. Amafutha agqeba akhiqizwa ngokufusa amaqabunga ngomusi. Lamafutha kukholakala ukuthi angabayisilomo embonini yamakha ngenxa yonqambothi lwephunga lawo. Aqukethe u-0.3% wesithako esixosha izinambuzane futhi anamandla okusebenza amahora angu-6 kuya kwangu-10. La mafutha ayasetshenziswa ukuqeda ukuluma ezikhunjeni ezizwelayo, ukuba bomvu kwesikhumba, ukushiswa yilanga (bedsores) nezilonda zokuzivelela.
Lesi sihlahla sinezimpande ezinde ezilusizo ekubutheni izindunduma nokuvimba ukuguguleka komhlabathi. Asishi futhi yisivimbamlilo esihle. Lesi simila siyakwazi ukumelana nogwadule, neziphepho zasogwini lolwandle ezinosawoti, kanye nesithwathwa. Sitholakala kakhulu endle kodwa kunemilimela ethile etshalelwe ukuthengisa ezifundazweni zaseNingizimu Afrika iNyakatho-Ntshonalanga neQwaqwa. Lesi sihlahla simila endle ezifundeni ezifudumele zaseMpumalanga noGondwane, eNingizimu Afrika kanye naseBotswana nase-Angola.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe