I-Cape Snowbush

© Alice Notten of Kirstenbosch
Lesi sihlahlana esincane esinamacembe ayisiliva nezimbali ezimhlophe sibizwa ngokuthi yi-Eriocephalus Africanus futhi singesomndeni we-Asteraceae. NgesiBhunu sibizwa ngokuthi yikapokbos ngenxa yembewu yaso ewuboya obuyizigaqana ezintofontofo. Emazansi ne-Afrika kunezinhlobo eziwu-34 ze-Eriocephalus, zonke zinalezi zithelo ezinoboya. I-Eriocephalus Africanus (Cape snowbush) akufanele ididaniswe ne-Eriocephalus punctulatus noma iCape chamomile.
Ngokomdabu yayisetshenziswa ngamaLawu nezifiki zokuqala zaseKapa ekwelapheni isisu, ukuthokozisa umphefumulo nanjengomuthi wokuqed’ukukhathala. Futhi kwakucatshangwa ukuthi isiza nasekukhuliseni izinwele, iqeda nejwayezi lotshwala nogwayi nokudedela imizwa emibi.
Njengerosemary, iCape Snowbush inikana amandla futhi isebenza njengomuthi wokuqeda inkathazeko, iqede nomuzwa wengcindezi, uvalo nentukuthelo.
Amafutha ayo alapha inkwantshu (eyomsipha, eyomphefumulo, eyesisu) futhi ayasebenza ekumiseni ukopha. Avimba nokubhibha kwezilonda futhi anezithako zokubulala amagciwane ezivikela umzimba ekungenweni izifo. ICape snowbush iyasetshenziswa futhi njengesichamisi (sokukhipha ubuthi emzimbeni), ilaphe ukukhwehlela nemikhuhlane bese idambisa nekhanda. Uma ushuka amacembe, lesi simila sithaphuka iphunga likazamlandela.
Imila kakhulu eNamaqualand, eNtshonalanga naseMpumalanga Koloni. Amacembe asiliva asiza ukuphebeza ukukhanya, anciphise ukushisa nomhwamuko. Lena ngenye yezindlela lesi simila esiphila ngayo silondoloze amanzi uma sikhula ezimweni zobugwadule. I-Eriocephalus ithanda ilanga elithe ga nomhlabathi owomile.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe