IBhece laseKalahari

© SANBI
Amafutha ebhece laseKalahari noma iCitrullus lanatus abuye aziwe ngokuthi amafutha embewu yekhabe.amanye amagama alesi sithelo somdabu saseZansi ne-Afrika yikarkoer, imankataan, tsamma, ootanga noma ikhabe lasendle. Ibhece laseKalahari, isihlobo sekhabe, litholakala esifundeni esiwugwadule sasezansi ne-Afrika. Isithelo esisetshenziswa ngabaThwa njengesicima-koma, kanjalo njengesiswakamisi nesithibalanga futhi liyadliwa imfuyo nezinyamazane. Njengomthombo wokudla womuntu, imbewu inamaprotein aphezulu (35%) futhi iyosiwa noma idliwe igayiwe, njengephalishi.

Lesi sithelo siyimbulunga (uma simile endle) noma simise okweqanda (uma sitshaliwe) futhi siluhlaza okotshani obuphaphathekile sisho ngemithende eluhlaza njengotshani obuzothile. Imbewu ikhiqiza amafutha anothile aphuzi, asetshenziswa kwezokugcoba zobuhle, akhulisa nezinwele ngesithako salo esisensisheni kanti imbewu yalo agayiwe iyasetshenziswa ukuhhudla isikhumba isisuse insila.

Amafutha ebhece laseKalahari anezinga le-omega-6 essential fatty acid (68%) elithi alifane nele-evening primrose (72%), linezithako eziqeda ukulunywa, libuyisela ukunwebeka kwesikhumba futhi lilwisana nokushwabana. Angamafutha amahle omntwana futhi angaxutshwa nemanye amafutha. La mafutha akhishwa embewini egayiwe emva kokomisa kwayo. Lesi simila esinaba phansi esisho ngezimbali eziphuzi sikhula kahle endaweni enonhlaba oyisihlabathi, onemvundo encane. Linamandla, liyamelana nesomiso futhi lingabayigugu njengesithombo esitshalwa phakathi kwezinye ukuze sibambe inhlabathi ukuthi ingaguguleki ivimbe nokuphela kwamanzi.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe