Gewurtztraminer

© Altydgedacht Vineyards

Incazelo

I- Gewürztraminer icishe ifane ne Roter Traminer lamagilebhisi ewayini sekuneminyaka eminingi etshalwa eGermany. Umguqulelwa we Gewürztraminer ithandelwa iphunga layo elingathi elezimbali, lokhu yikho okubalulekile kwizinhlobo zamagilebhisi eAlsace eFrance. Leli gama elithi ‘Gewürtz’ lichaza ukuthi ‘spice’ noma iphunga elimnandi lama wayini.

Umsuka

Germany

Amanye Amagama

I-Gewürztraminer yaziwa ngokuthi yi Roter Traminer noma i-Traminer eGermany, eFrance nase Clevner yaziwa ngokuthi yi Gentil Rose Aromatique.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

Lamagilebhisi angeniswa eNingizimu Afrika ngeminyaka yama 1964. Kunama hektare angama 160 e Gewürtztraminer la eMzansi. Amahektare angama 42 atholakala eStellenbosch awu 36 atholakala eRobertson. Kunamablock atshalwa ngonyaka wama 1981 e Zevenwacht. Lenhlobo yinhlobo yamagilebhisi angatshalwa njalo, ihektare eyodwa yalenhlobo yaqa ukutshalwa ngo 2016.

Ukukhula

Lamagilebhisi awakhuli lula, ihektare eyodwa ikhipha amathoni ayi 10-12. Mangabe amaqabunga engatholi ilanga kakhle aye afuvukale bese amagilebhisi athathe isikhathi eside ukuvuthwa, kodwa mangabe amaqabunga ethola ilanga elonele aye azace bese amagilebhisi asheshe ukuvuthwa.

Ukuvuthwa

Gewürztraminer is an early ripening grape, harvested in the first week of February.

Amaqabunga

Inamaqabunga amancane angunxazonke avame ukulimala.

Amajikijolo

Isigaxa salamagilebhisi sincane futhi namajikijolo aso mancane anekhasi eliqinile umbala wawo ubomvu.

Izinambuzane Nezifo

Ivamile ukabesikhutha ne oidium, ibuye idliwe yizinyoni futhi ilinyazwe nawukuthi amahlumela akhula ahlumebusika.

Ukusetshenziswa

I-Gewürtztraminer kwenziwa ngayo amawayini anephunga elimnandi isikhathi esiningi kwenziwa ngayo iwayini ethanda ukubanoshukela omncane (semi-sweet) newayini enganashukela (dry).

Ukunambitheka

Gewürtztraminer inephunga lezimbali, noma iphunga le lychee. U asidi wayo uphansi, lokhu kuyenza ibenamaphunga amaningi afana nalo we: honey cake, Turkish Delight noma i-ginger. Mangabe itshalwe kwizindawo ezipholile leliwayini libuye libenephunga le rich Muscat, nophayinaphu.

Translated by Nwabisa Ngumbela