I-Athrixia Ibizwa Nangokuthi Itshelo

© JMK
Ebizwa nangokuthi Bushmans Tea (Isingisi.) UBoesmanstee (Isibhunu.), Icholocholo, itshelo, umthsanelo (isiZulu), i-Athrixia phylicoides inamaqabunga aluhlaza nezimbali ezinombala onsomi ziyizitshalo ezithandwayo futhi zidabuka eningizimu naphakathi kwe- Afrika.
Ukusetshenziswa kwendabuko kufaka phakathi itiye (ngakho-ke igama elithi Bushmans Tea ngesingisi), ihlolwe ukuphatha izilonda zomphimbo ngamaSotho namaXhosa, Njalo amaVenda aphuza izimpande namaqabunga njengendlela yokulwa nezinto eziphila ngokudla emzimbeni wezinye izinto eziphilayo. Iziqu, ezihlanjululwe amaqabunga, zenziwa imishanelo eqinile. Kwakusetshenziselwa ukuhlanza igazi, ukuphatha ikhanda kanye nokuphuzwa ukusindisa umphimbo onesifo nokuphulukiswa kwezwi. Kwezinye izingxenye zaseningizimu ye-Afrika kukholakala ukuthi umuthi obanga inkanuko.
Kunolwazi oluncane olutholakalayo lokulwa nezikhunta namabhaktheriya ezikhona ku-Athrixia, yize ukusetshenziswa kwalo kwendabuko kukhuluma ngokusebenza okunokwenzeka kokulwa namagciwane. Kwakusetshenziselwa ukwelapha izinkinga zenhliziyo, isifo sikashukela, isifo sohudo kanye nokwelapha izifo zocansi. Ucwaningo lwaseNingizimu Afrika lubonisa isivuno esincane samafutha abalulekile ano-vanilla, ihlobo lawoswidi noju. Lezi zinhlaka, kodwa, azikali okwanele ukusebenzisa i-Athrixia embonini yamakha, kodwa ingaba nezinhlelo zokusebenza ezingenakwenzeka ekudleni naseziphuzweni. Amaqabunga angaba nenani lokuhweba njengetiye lamakhambi.
Ngokuvamile ukuvuna okwasendle, ezinye zezindawo ezineztshalo zokuhweba ezincane zenziwe njengendawo zokuhlola ezifundazweni zaKwaZulu-Natali, eMpumalanga naseLimpopo eNingizimu Afrika. Isihlahlana sikhula ngasendle ezingxenyeni zasempumalanga eNingizimu Afrika futhi itholakala ezindaweni ezinamatshe nezitshalo ezivela ehlathini. Ukusakazwa kwenziwa ngcono ngokutshala izithombo ezisikiwe.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza