Amaqabane Ayahlangana: Nelson Mandela no Oliver Tambo

© Dr Peter Magubane
Amaqabane Ayahlangana: Nelson Mandela no Oliver Tambo bahlangana ngokokuqala emhlabathini waseNingizimu Afrika kusukela uTambo aya ekudingisweni esebuya emva kweminyaka engu 30 ngomhlaka 13 December 1990.
u-Oliver Tambo wayengithisha wase Ningizimu Afrika, engummeli kanye nesishoshovu esasimelene nobandlululo owaya ekudingisweni ngeminyaka yango 1960.
Wayefuna ukufundela ubudokotela kodwa ayikho inyuvesi eyayimukela abafundi abamnyama wabeke esekhetha ukufunda izibalo kanye nesayensi enyuvesi yase Fort hare nokuyilapho aqala ukuhlangana no Nelson Mandela. Ngonyaka ka 1942 wahlangana no Walter Sisulu eGoli wabe esejoyina leliqenjana lezinjulabucupho (okubalwa kuzo uNelson Mandela) abebevuselela i- African National Congress (ANC).
uTambo wagogoda kwiziqu zobumeli ngo 1952 uMandela wabe esesondela kuye, naye owayengummeli ogogodile ngeziqu ukuze bakhe ukusebenzisana. Babeka amahhovisi abo eChancellor House eGoli njengefemu esemthethweni yabammeli iMandela noTambo.
uTambo wabasekudingisweni iminyaka engu 30 ehamba kakhulu ekhankasela iANC echaza ngesimo sobandlululo eNingizimu Afrika. Wethula Inkulumo Kwinhlangango Yezizwe ngo 1963 (UN) lapho isicel sakho sokuba kukhululwe ababeboshelwe ipolitiki wamukelwa ngenhlokomo nehlombe elikhulu.
Esithombeni ngu Oliver no Nelson Mandela behlangana ngookuqala emhlabathini waseNingizimu Afrika kusukela uTambo aya ekudingisweni esebuya emva kweminyaka engu 30 ngomhlaka 13 December 1990.

“Ngesikhathi ngehamba kumhhume obheke ngasemnyango wesango elalizongiholela enkululekweni yami, Ngangazi ukuthi uma ngingawushiyi ngemuva umunyu nenzondo, Ngangizoba ngisaboshiwe.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more