Amandla Ezimbali zase–Richtersveld

Ukhaphethi Wemibala

©David Fleminger
Kuningi okuye kwabhalwa ngokumangalisa kwezimbali zasendle eziguqula amathafa awomile eNamaqualand zibe 'ukhaphethe' wombala njalo ngentwasahlobo.
Eqinisweni, kuvame ukuthumela abalobi abaningi babe izingcweti zezinkondlo ezihayizayo. Nokho, mina ngiyakwazi ukuzibamba futhi ngizokwenza konke okusemandleni ami ukuze ngihlale ngithulile.
Noma kunjalo, inkathi yembali e-Namaqualand ihle kakhulu. Ngamanye amazwi, iqhakaza ngokumangalisayo. Kodwa yini eyenza lokhu kwenzeka ngokwemvelo futhi kungani sekuphelile ngokushesha?

Isu Lokubhekana Nesimo

©David Fleminger
Eqinisweni, zonke izinhlobo zezitshalo eNamaqualand zenze isu lokubhekana nemvula eyehlile.
Insobonsobo zigcina amanzi emaqabungeni awo noma iziqu, ama-geophyte (noma ama-bulb) agcina amanzi ezingxenyeni zangaphansi komhlaba.
Ezinye (ezifana nezihlahla nezihlahlana) zikhula izimpande ezijulile noma zizibophezele ezifundweni zamanzi.
Kodwa ezanyakenye (efaka phakathi izimbali ezifana nodlutshana) zinendlela ehlukile.
Ngemuva kwemvula yasebusika, lezi zitshalo zikhula ngokushesha; ukuhluma, ukuqhakaza, ukuphonsa imbewu zawo bese zifa zonke esikhathini samasonto.
Imbewu ike ilinde emhlabathini ukuze kube nemvula enhle elandelayo, lapho umjikelezo wonke uqala futhi. Ezinye izimbewu zingasinda iminyaka zingaphansi komhlaba, kuze kube khona imvula eyanele ukuze zibuye ziphinde ziphile.
Ngakho-ke, uma imvula yasebusika ibingokwanele, amasonto ambalwa kamuva,izimbali zizoqhuma imibala ehlukahlukene okwephuzi, okumhlophe,nokubomvu okuzophakamisa amehlo futhi kujabulise umphefumulo.Futhi umthamo omkhulu wezimbali ezibonakalayo uyamangalisa.

Ukuhlukahluka

©David Fleminger
Kodwa-ke, uHendrik van Zijl,ongabanye bezihlakaniphi zezitshalo ohlala endaweni yaseNieuwoudtville, uthi akukhona nje ngezinombolo.
Ukholelwa ukuthi yizinhlobonhlobo ezahlukene ezenza izimbali zibonakale zimangalisa kakhulu.
Konke kukho, kunezinhlobo ezingaba izinkulungwane ezintathu zezitshalo zezimbali ezise-Namaqualand, ezinye zazo ezingavamile kakhulu noma ezincane.
Ngakho-ke, uma ufuna ngempela ukuba umqapheli wezimbali ezinhle, fundisisa kabanzi futhi uthole umqondisi wezimbali zasendle odingekayo ngaphambi kokuba uqale ukushayela.
Emva kwakho konke, kuyokusiza ukwazi i-Iridaceae yakho kusuka ku-Asteraceae yakho (ukuhlukana kwezitshalo).

Phephetha Ngomoya

©David Fleminger
Njengoba konke lokhu kuhluma kwenzeka ngesikhathi esisodwa, izigidi zezimbali eziphephethwa emoyeni zithemba ukuqholwa izinambuzane ezilinganiselwe njalo zifanele. Lokhu kuholela ekuncintisaneni okukhulu futhi zonke izinhlobo zezitshalo ziye zazakhela izindlela zazo ezihlakaniphile zokuheha uhlobo olufanele lokuqhola.
Iningi yezimbali ithembele ekubukiseni amacembe ayo amakhulu, aqhakazile anemibala ephuzi, emhlophe, ebomvu newolintshi. Amacembe amaningi we-vygie(isitshalo esihle esinemibala eminingi) ahlezi aheha izilokazane ngamandla obunsomi.
Ukwengeza, amacembe ezinye zezitshalo ezithile aveza ukubonakala okubukeka njengezinambuzane ezithile, eziheha abalingani.Amabhungane isibonelo, athanda ukusebenzisa amakhanda ezimbali ezifana nodlutshana njengendawo yokuhubula.Impova emboza isinambuzane, inesidoda sesitshalo, esithwalwa lapho sihambela ezinye izimbali.
Ngakho-ke, ukuze zihehe izithandani zamabhungane, izinhlobo eziningana zeGazania ziye zakha izimpawu eziifana namabhungane esifazane.Ngokufanayo, izinyosi zidonsela kumachashazi acwebezelayo eduze kwenhloko yembali efanisa ibhungane, ebonisa ukukhanya njengokungathi kusemzimbeni wenyosi.

Kuvumelana

©David Fleminger
Ezinye izinhlobo zezitshalo ziye zavela ngokuvumelana neziqholi zazo, zakha izinhlaka zezimbali ezifanelwe nesimo sezilokazane ezikhethekile.
Isibonelo, ezinye izinhlobo zezitshalo zama-Pelargoniums ne-Irises zenze izimbali ezinezibhubhu ezincane ezitholakala kuphela emilonyeni yezinhlobo ezimbili ezifanele zezimpukane. Khuluma ngokubanzima ukuthola.
Manje, ngakho konke lokhu kukhulunywa ngokuzala, musa ukuthola umqondo wokuthi sonke isifunda saseNamaqualand sigqoke udonga lwezimbali ezifana nodlutshana.
Esikhundleni salokho, izimbali zivame ukuvela ngeziqinti nezihleke.
Ngakho-ke, kuso sonke lesi sifundazwe, uzovame ukubona izitshalo eziqhelile zezimbali ezimibalabala zikhula endaweni ethile ensundu.
Ngisho nasezindaweni zezinhlobonhlobo zezimbali, insimu eyodwa ingase ifakwe umbala, kanti enye ingase ingabonakali iqukethe ngisho necembe elodwa.

Translated by Nsika Khoza