Aloe Ferox Inhlaba

© Chris Daly
Kusukela emandulo, inhlaba kubhalwe ngayo emibhalweni yaseGibhithe futhi yadwetshwa nasemifanekisweni yabaThwa esemadwaleni injalo nje inomlando omude wokusetshenziswa njengomuthi emasikweni omdabu. ElikaGondwane linezinhlobo ezingaphezu kuka-360 zenhlaba yomndeni we-Aloe linneus, kulo mndeni i-Aloe ferox yiyo esetshenziswa nekhiqizelwa uhwebo kakhulu eNingizimu Afrika.

I-Aloe ferox ihlukile kunenkalane. Kwiferox isithako esibabayo i-aloin sitholakala eduzane nje ngaphansi kwesikhumba futhi sikhipheka kalula ecembeni elingumongo onjimbilili. Enkalaneni i-aloin itholakala ecembeni lonke futhi ikhishwa ngokuvutshelwa kwamakhemikhali. I-Aloe ferox iye yatholakala ukuthi ine-aloin ephezulu ngo-28% nama-amino acid angaphezulu kwawenkalane umfowabo waseMelika, angaphezulu ngo-36%.
Zimbili izingxenye zalesi simila ezisetshenziswayo. Umjuzo wayo onjimbilili udume ngezithako zawo ezilapha izilonda ekubeni inamfu layo (isigaba esiphuzi esibabayo esiqukethe i-aloin) kuthiwa sihambisa isisu kodwa singalwa ne-arthrfitis. Ujimbilili lukhuthaza ukuphola kwesikhumba emva kokushiswa yilanga noma umusi, ipholisa ukuluma nokuntinyelwa yizinambuzane futhi isetshenziswa kakhulu kwizigcobo zobuhle isetshenziselwa ukusokamisa nokuthoba kwayo. Ujimbiliza futhi luqukethe ama-antioxidant, amavitamin (u-A, C no-B12) kanye nebradykinase, i-enzyme ehlisa ukulunywa uma igcotshwe esikhunjeni. Iyasetshenziswa futhi njengomuthi wokukhanyisa isikhumba sibe mpofu njengoba inezithako ezivimba inzothambala (imelanin).

Amafutha enhlaba ayakhiqizwa ngokufaka amacembe ayo akhukhuluziwe, afakwe emafutheni embewu yomvini (grapeseed) noma emafutheni amnandi e-almond, impishana isetshenziswa emithini kanti futhi icembe elisha eliklamuzelayo lingagcotshwa esikhunjeni nqo ukulapha ukushiswa kwesikhumba yilanga. I-Aloe ferox iyaqhuma embewini, kodwa ukuyitshala ngesiqu yikho okudumile. Izithombo zingatshalwa kwenye indawo emva kweminyaka emibili bese amacembe evunwa emva kweminyaka emihlanu.
Lesi simila siyazimilela ezindaweni ezahlukene, kusukela eningizimu-ntshonalanga neKabha kuye eMaphakathi nakwaZulu kodwa i-Aloe ferox duzane ne-Albertina eningizimu neKabha ivunwa itshaliwe futhi ivunwe nasendle. Amahactere awu-50 atshalwe i-Aloe vera (i-Aloe barbadensis) epulazini eLimpopo ekubeni i-Aloe ferox ivunwa endle ikakhulukazi, ivunwa ngabalimi eNingizimu naseMpumalanga neKabha.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe