uNelson Mandela Wethula Inkulumo Kwabesifazane Ababemasha Bemelene Nemithetho yamaPasi

©Dr Peter Magubane
uMandela wethula inkulumo kwiqembu labesifazane ngesikhathi semashi ePitolo ezindlini zombuso eUnion Buildings ePitoli bebhikishela ukumelana Nemithetho Yamapasi. Lemithetho yayiphoqelela bonke abantu abansundu ngebala ukuba baphathe amapasi njalo. Ukuhluleka ukwenzenjalo kwakungasho ukutho uyaboshwa, uthola isigwebo noma uyahlawuliswa.
Ngaphambi kweminyaka yama 1950s, amadoda abantu abamnyama kwakumele baphathe amapasi uma babezoba endaweni esedolobheni, kodwa kwakuba ngabantu ababethole umsebenzi kuphela ababekhishelwa amapasi. Lokhu kwakwenza uhulumeni wobandlululo ukuba akwazi ukulawula ukugcwala kwamadoda amanyama emadolobheni. uma umuntu waebanjwa ngaphandle kwepasi, kwakuba ukuthi uyaboshwa, ugcinwa ejele noma ukhokhiswa inhlawulo. Umthetho wamapasi kwakungomunye wemithetho owawuzondwa kakhulu kwimithetho yonke yobandlululo. Ngo 1952, uhulumeni wabe esekwenza kube isidingo nokuthi abantu besifazane nabo baphathe amapasi kodwa lokhu kwenqatshwa ngokusukumela phezulu.
Ngomhlaka 9 ku August, ngaphezu kuka 20 000 wabesifazane bamasha belibangise ezindlini zombuso e the Union Buildings ePitoli ukuze babhikishe ukumelana Nemithetho Yamapasi. Abesifazane bazozonke izinhlaga kanye namasiko bahlangana ndawonye ukuba bamashele amalungelo abo kanye namalungelo abantu bebala. uNelson Mandela wahlangana neqembu labesifazane ababeyingxenye yemashi ukuba axoxisane nabo abonise nokubasekela. Kusukela kule mashi, kwaqhamuka isisho esidumileyo “Wathinta abafazi, wathinta imbokodo!”

“Uma ubuphofu busalokhu buqhubeke njalo, ayikabi khona inkululeko yeqinisi.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more