Izinambuzane Zomvini - Izibungu

© Louise Brodie
To protect against mites, chemical control should only be applied after bud break and again 14 days later.

Izibungu Zomqumbe

Izibungu zomqumbe yizinto eziphilayo ezincane ezinjengempethu ezisakazwa ngumoya, izinyoni kanye nezinto ezifakiwe. Kunzima ukubona ngaphandle uzikukhulisile ngomshini futhi ngaphezulu ngeskathi sobusika. Lezi zinhlobo ezintathu zezibungu ezitholakala emivini izibungu zomqumbe, impethu zamaqabunga, kanye nempethu ze-erinose, lapho impethu yomqumbe idala khona umonakalo omkhulu. Ikakhulukazi iHanepoot neCabernet Sauvignon zizwela ukuhlwanyela izimpethu. Izimpawu zihlanganisa iphethini yokukhula engaqondile, amagrebhisi anesiyiko kanye nama-lunga abambalwa kanye nokuqhuma okungafani.
Ezinye zezimpawu zingase zidideke nokukhubazeka kwamaminerali, ngakho-ke uphenyo oluncane kufanele lwenziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi kukhona izibungu. Uma kwenzeka ukungcola okunzima, ngeke kube khona ukuhluma ngaphandle uma kukhona amaqabunga, amagilebhisi angonakaliswa. Ukulawulwa kwamakhemikhali okuvikela isitshalo sonyaka ozayo kufanele kusetshenziswe kuphela ngemuva kohlumela lapho izinambuzane zihambela ekukhuleni okusha. Isikhathi sibalulekile njengoba izibungu zishiya umqumbe isikhathi esifushane. Ngemuva nje kohlumela, lapho amahlumela ephakathi kwamasentimitha ayishumi kuya kwishumi nanhlanu ubude, awufake kahle kahle ngomuthi obhalisiwe. Kufanele iphindwe izinsuku eziyishumi nane kamuva.

Translated by Nsika Khoza