Uma Uthintane noma Uhlangane Nomuntu Otholakala ukuthi une-Coronavirus

Uhlangane nomuntu owatholakala ene-coronavirus entsha (2019-nCoV): Kwenziwani ke manje?

Isikhathi sokufakwa (isikhathi esisuka ekuthelelekeni kuye ekuboniseni izimpawu) sisukela ezinsukwini ezimbili kuye kweziyishumi nane-14. Uma uba nezimpawu kunoma yisiphi isikhathi, kuyodingeka ukuthi uhlolelwe leli gciwane.

Yini ungavele uhlolwe ngokushesha?
Kuthatha isikhathi ukuthi leli gciwane lande lize lifinyelele ezingeni lapho singalithola khona ngamasu weelebhu. 

Awungeke unginike nje umuthi ukuze ngigweme igciwane?
Njengoba leli yigciwane, noma yikuphi ukwelashwa kuyasekela - lokho kusho ukuthi izimpawu ziyelashwa, kepha awukho umuthi wokubulala leli gciwane, udinga ukuvumela amasosha omzimba wakho ukubulala leli gciwane.

Kumele ngenzeni?
Kumele uzivalele. Lokhu kusho ukuthi yize ungenazo izimpawu okwamanje, udinga ukuhlala kude nabantu ukuvikela leli gciwane ukuthi lisakazekele okuningi.

Kepha nginganikeza umuntu leli gciwane noma ngabe angizizwa kahle?
Yebo, ubufakazi bukhombisa ukuthi ungakwazi ukudlulisela leli gciwane komunye umuntu ngisho nangaphambi kokuba ukhombise izimpawu.

Ngingaya emsebenzini?
Kuyalulekwa ukuthi wenqabe ukuya emsebenzini, ngokwenza njalo kungasabalalisa leli gciwane kozakwabo. Udokotela wakho ojwayelekile anganikeza inothi yokugula ukuthi yabelwe nomqashi wakho.

Ngingakwazi ukuya esikoleni?
Ukwenqaba ukuya esikoleni, ngokwenza njalo kungasabalalisa leli gciwane kwabanye abafundi noma othisha. Udokotela wakho ojwayelekile anganikeza inothi yokugula ukuthi yabelwane nesikole.

Ngingahlangana nabangane bami?
Kuyalulekwa ukugwema ukuxhumana nabantu. Ukuhlanganyela ekuxhumaneni nomphakathi kungasabalalisa leli gciwane emndenini wakho nakubangane.

Ngingaya ukuyothenga, ngivakashele indawo yomphakathi noma ngisebenzise izithuthi zomphakathi?
Kuyalwa ukwenqaba ukuhambela noma iyiphi indawo yomphakathi (izitolo, amasonto, izindawo zokuzijabulisa) noma ukusebenzisa izithuthi zomphakathi, ukwenza njalo kungasabalalisa leli gciwane kwabanye abantu.

Yini okufanele ngiyenze? Kuyalulekwa ukuthi uhlale ekhaya ngesikhathi sokuqapha. Ukuvikela abaseduze kwakho:

Hlanza izandla zakho njalo, usebenzisa insipho esekelwe otshwaleni.
Gcina ibanga ukusuka kubantu abaphilile (abangabonis izimpawu zokuphefumula kanzima) ngangokunokwenzeka (okungenani imitha elodwa).
Gqoka imaskhi yabelaphi kaningi ngangokunokwenzeka.
Mboza umlomo nekhala uma ukhwehlela noma uthimula ngezicubu ezingalahlwa zamaphepha, noma ukukhwehlela bese unyenya ngendololwane yakho. Lahla impahla ngemuva kokuyisebenzisa futhi uhlanze izandla zakho ngaso leso sikhathi ngensipho nangamanzi noma ngokuhlikihla isandla ngemikhiqizo yotshwala.
Qinisiseka ukungena komoya ohlanzekile ekhaya ngokuvula amawindi nezicabha ngangokunokwenzeka.

Ngizobhekwa kanjani?
Sizokuthumela isixhumanisi nge-imeyili nsuku zonke ukukubuza ukuthi ngabe unazo yini izimpawu. Sicela uchofoze kusixhumanisi bese uphendula imibuzo nsuku zonke, noma ngabe awunazimpawu. Uma ungakwazi ukufinyelela i-imeyili noma i-intanethi, othile uzokufonela nsuku zonke ukubuza ukuthi ngabe unazo yini izimpawu. Sicela uqinisekise ukuthi uzotholakala ukunikeza lolu lwazi.

Ngizobhekwa kuze kube nini?
Izinsuku eziyi-14 ngemuva kokugcina ukuxhumana nomuntu owatheleleka ngegciwane coronavirus le-2019-nCoV.

Yiziphi izimpawu okufanele ngabe ngizifuna?
Ukushisa komzimba okulinganiselwe okungu-38°C noma ngaphezulu, ukugodola, ukukhwehlela, umphimbo obuhlungu, ukuphefuzela, i-myalgia noma izinhlungu zomzimba, ukuhudula (ukukhipha kathathu noma ngaphezulu noma).

Nginezimpawu, kufanele ngilinde i-imeyili noma ngishayele?
Cha, ngokushesha nje lapho uba nezimpawu, sicela uthinte inombolo zocingo ngokushesha.

Kuzokwenzekani-ke?
Kuya ngokuthi yiziphi izimpawu nobukhali, sizothatha amathe kusuka kuwe bese sihlola leli gciwane.

Translated by Nsika Khoza