Ukuphathwa Kwesitshalo sapelepele

© Eric Miller

Ukushintshanisa izitshalo

Shintshanisa upelepele nanomasiphi sitshalo esingesona i-nightshade.

Ukukhiqiza - amathani ngehektha

Isilinganiso esincane: 8 tonnes (luhlaza) 2 tonnes (omisiwe)
Isilinganiso sangaphakathi: 15 tonnes (luhlaza) 5 tonnes (omisiwe)
Isilinganiso esihle: 25+ tonnes (luhlaza) 10+ tonnes (omisiwe)
Imisebenzi emikhulu yezokuhweba ibhale ukukhiqizwa kwamathani angaphezu kwangu-50 ehektheni.

Ukuvuna

Ukuvuna upelepele kwenziwa ngesandla esinommese namagilavu ​​angasetshenziswa. Ukuvuna upelepele oluhlaza kwenziwa kuqala futhi ngemva kwamasonto ambalwa opelepele abavuthiwe bangavunwa. Upelepele onemibala iyinzalo yezinga eliphakeme kakhulu kodwa ukulahlekelwa okungaba ngu-20% isisindo kulindeleke kusuka kokuluhlaza kuze kube obomvu. Ipelepele ezokhiqizelwa okunye ngaphambi kokuvunwa, ivunwa ngomshini.
Ukuze ipelepele uthole eyomile ,isithelo sishiywa elangeni bese ngemuva kwalokho sivunwe ngesandla noma ngomshini. Abalimi abakhulu bezohwebo bazovuna ngomshini kuphela. Insimu ezihlukene zizobonakala kulohlobo ngalunye lokuvunwa futhi zivunwe ngesikhathi sokufaneleka (okuluhlaza , okubomvu nokomile).

Isitoreji

Ukuze agcinwe kahle-uma upelepele omusha, obomvu noma oluhlaza evuniwe, ugcinwa ekushiseni kwe-10 kuya ku-12°C nomswakama oyi-90%. Opelepele bemakethe yukuluhlaza akumele agcinwe amaviki angaphezu kwamabili.
Opelepele abomile bangagcinwa ngezikhathi ezinde ezindaweni ezipholile, ezomile nezingenawo umoya lapho okungemanzi khona ngoba lokhu kuzobangela ukhunta nokubhubhisa isivuno sakho ngaphambi kokudayiswa.Upelepele omile ugcinwe isikhathi eside futhi iqala ukulahlekelwa umbala ngakho-ke ubaluleko layo.

Izilokazane ezikhathazayo

Ama-Nematode, umswenya, i-American Bollworm, ulwembu olubomvu, Aphids kanye ne-Thrips Mite.

Izifo

I-Powdery Mildew, i-Virus Wilt, i-Viral Wilt, i-Phytophthora, i-Bacterial Wilt, i-Botrytis Bacterial Rot ne-Bacterial Spot. Kunconywa ukuthi uthintane nomeluleki wendawo wamakhemikhali kanye nesiphathimandla sokwandisa uhlelo oluphelele lokuvikela izitshalo.

Translated by Nsika Khoza