Ukuphathwa kwe-Asparagus

© Louise Brodie

Isivuno (amathani ngehektha)

Ukukhiqiza okuphelele kutholakala kuphela ngemva kweminyaka emihlanu.
Isilinganiso esiphansi: amathani amahlanu
Isilinganiso sangaphakathi: amathani ayisishiyagalombili
Isilinganiso esihle: amathani ayishumi nambili

Ukuvuna

Ukuvuna kufanele kuqale ngonyaka lwesibili ukunikeza i-asparagus isikhathi sokuvuthwa nokuqinisa. Ukukhiqiza okuphelele kufanele kufinyelelwe ngonyaka wesihlanu. Indlela engcono kakhulu yokuvuna i-asparagus isandla esino ommese.
Ngokushesha ngemva kokuba umkhonto we-asparagus uvela emhlabathini futhi ngaphambi kokuba amathiphu abe nethuba lokusakazeka, asikwa cishe amamilimitha angamashumi amahlanu ngaphansi okukhiqiza umkhonto we-asparagus ongaba ngu-200 kuya ku-250 mm ubude. Ungashiyi i-asparagus ukuze ikhule isikhathi eside kakhulu emhlabathini njengoba ilahlekelwa ukunambitheka kwayo okumnandi futhi iyaqina.
I-Asparagus ingabuye ivunwe umshini, kodwa lokhu kuyinqubo engakhethi ngakho-ke noma kushesha futhi kushibhile kunganciphisa isivuno ngokufinyelela ku-40%.

Isitoreji

I-Asparagus iyonakala kakhulu futhi kungangcono ithengiswe ngokushesha.Vuna ukupholise u-asparagusi phakathi kweze namabili amazingakushisa. Umswakama ohlobene nendawo yokugcina kumele igcinwe ngaphezu kwa -90% ukuvimbela ukoma kwemikhonto.
Kulezi zindawo isimo se-asparagus singagcinwa izinsuku eziyishumi nane. I-Asparagus kumele igcinwe endaweni eqondile ngoba imikhonto iyaqhubeka ikhula ngemva kokuvuna. Uma zingagcinwa njengalokhu zingase zishintshe isimo futhi kubenzima ukudayisa.

Izilokazane ezikhathazayo

Ubhungane nomswenya.

Izifo

I-asparagus rust ne-Fusarium wilt.

Translated by Nsika Khoza