uGeorge Bizos kanye noNelson Mandela

© Eric Miller

Umvikeli Wababukelwa Phansi

uGeorge Bizos, wayesevele aziwa njengomvikeli walabo ababukelwa phansi ngenxa yokuhlukunyeza ngesikhathi sobadlululo, waduma kakhulu ngokuba yingxenye yethimba lama Afrikana okubalwa kulo u Bram Fischer – isizukulwane sase Orange Free state esasingumongameli wamabhunu – esavikela salwela uMandele kwelinye lamacala ake aba makhulu kwiminyaka eyadlule, iRivonia Trial.

Intatheli yezokusakaza, uDebora Patta, wakhumbuza u Bizos ukuthi ‘waziwa kakhulu ngokuhlenga uMandela kanye nozakwabo kwezepolitiki ekutholeni isigwebo sentambo’ uBizos waphendula ngokuzithoba wathi ‘Ningincoma ngokweqile’

Ezimisele Ukufa

uBizos wachaza ngokwakumenza abe nexhala ukuthi kwakuqubuka kokwakuqukethwe isitatimende esinomland onzulu esabekwa uNelson Mandela ngaphambi kokwethulwa kwesigwebo. Wayekhathazekile ukuthi amazwi ayengathintela isinqumo sejaji ukuba licabangisise ngokubanika isigwebo sentambo.

uBizos wabeka wathi: Munye umthelela engaba nawo kuso (isitatimende) ukuthi kwathi sekusele kancane ukuba umbhalo waso wethulwe, ngangikhathazekile ngamazwi akhe ayethi wayekulungele ukufela lokho ayekholelwa kukho. Ngase ngizibandakanya kwingxoxo naye ngathi, ‘Uyazi Nelson, ukuthi lokhu okushoyo bangakuthatha ngenye indlela babone ukuthi ukufuna ngempela ukushushiswa ubulawe kakbuhlungu.

Nginesiqiniseko uyakufuna ukuphila uthokozele lokhu okumele uzibone futhi ukhululekile. Impela yikho lokhu okumele ukuba uyakusho. ‘Wabe esesicubungula esihlaziya isigaba sokugcina wasithatha neseluleko sami ukuba athi ‘Uma kunesidingo, ngizimisele ukufa.’ Kwaba ilowo kuphela umthelela engaba nawo.

Umphakathi Okhululekile Nentandando Yeningi

Ngempela kwenzeka ukuba athule inkulumo yakhe, ngokwehla, edonsa iphimbo kancane, elinganisa kahle iphimbo lakhe, isitatimende sika Mandela sezwakala emihhumeni ngemibhobho yasenkantolo: Ngilwile nokubusa kwabamhlophe futhi ngilwile nokubusa kwabamnyama.

Ngiye ngathokoza ngesu/cebo lentando yeningi kanye nomphakathi okhululekile lapho bonke Abantu bephila ndawonye ngokuthula benokuzwana futhi benamathuba alinganayo, leli icebo enginethemba lokuba ngingaliphilila futhi ngilibone lifezeka, kodwa Nkosi yami, uma kunedingo, kulicibo engizimisele ukuba ngingalifela.

Indlela Yamadoda Amakhulu

uPatta wambuza, ‘Kungabe wadabuka waba nomunyu uma benikezwa isigwebo sentambo?’ uBizos waphendula, ‘Kuyamngaza lokho. Ngaba nokukhululeka. Impela isigwebo sentambo akusona isigwebo osithokozelayo.

Kodwa sonke sasinethemba lokuthi ngeke baze basidonse sonke.’ Kuleso sehlakalo abaningi babo basidonsa isigwebo sempilo yabo yonke. uBizos wayifingqa incazelo yakhe ngemibono yakhe abenayo ngo Nelson Mandela kanye nabanye ababelwela inkululeko ayexhumane nabo ukuxoxa lendaba kodwa yena ezicwilise ngemuva kwabo.

Ebuzwa ukuthi ikuphi aziqhenya kakhulu ngakho ngabo, wathi: “ngokuba ngibe nomthelela omncane lapho kwahlangana khona izindlela zethu; yibo abangamaqhawe. Abameli badlala indima yesibili.

Ukuze ube ummeli omuhle kumele obamele babengabanesibindi kantike ngibe nenhlanhla yokuba indlela yami ihlangane neyamadoda amakhulu, amadoda anesibindi, angazifuneli okwawo kanye nabesifazane ababekulungele ukudela eyabo inkululeko, bezimisele ukuba banikele izimpilo zabo ukuze kuzuzwe inkululeko. Ukuthike mima ngavunyelwa ithuba lokuba ngibambe indima yesibili ezimpilweni zabo kuyinto engizigqajayo ngayo kakhulu.”

Translated by Nokubonga Guliwe

Mandela By Advocate George Bizos

uBizos wabeka kabanz ngobudlelwane bakhe nokuxhumana kwakhe noMandela ngesikhathi ayevezwe kuhlelo lukamabonakude u-e-TV ngomethuli uBebora ...more