Ubhejane Owegolide owaseMapungubwe

Osedumile

©Roger de la Harpe

I-Mapungubwe iyindawo enhle kakhulu, enezintaba ezinkulu nezigodi eziphethe izihlahla zo-baobab eziwela eMfuleni uLimpopo - nje uhlobo lwendawo ongayakhetha uma ufuna ukuqala ubukhosi.

Umbuso wangaphambi wamaShona wawusekelwe lapha kusukela ngo-1220 - ingxenye yabantu bosiko enkulu kakhulu eyakha izindawo zokuhlala zamatshe kulo lonke elaseNingizimu ye-Afrika ngaphambi kokufika kwabamhlophe bezosungula amakoloni.

Ukuncibilikisa igolide kwenziwa ezindaweni eziningi, futhi ngesikhathi iMapungubwe 'itholakele' ngabazingeli abamhlophe ngo-1932, kutholakale izinsimbi ezingenakubalwa zegolide, phakathi kwazo obhejane begolide abadumile manje. I-Order of Mapungubwe, ikhonjiswa ngubhejane wegolide, ingumklomelo ophakeme kunazo zonke eNingizimu Afrika.

Translated by Nsika Khoza