Serrated Hinged Terrapin

© Nigel Dennis

Igama

Serrated hinged terrapin (Pelusios sinuatus)

Uhlobo

Reptilia

Umkhakha

Tsetudines

Umndeni

Pelomedusidae

Ubude

300 - 400 mm

Incazelo

I-Serrated Hinged Terrapin wufudu olukhulu kunazo zonke izimfudu ezihlala emanzini. Igobolondo lwalolu fudu lumnyama. Ngaphansi luphuzi phakathi nendawo lwase luba nokumnyama oqenqemeni. Isikhumba emqaleni nasezinyaweni sinsundu ngokusakwatapeya okungathi kuphaphathekile.

Indawo

Lolu fudu lutholakala ezindaweni ezifudumele e-East Africa, ezindaweni ezigudle umfula iZambezi, eVictoria Falls naseningizimu yeZululand.

Ukuzalela

NgoMfumfu kuya kuMasingana, ufudu lwesifazane luzalela amaqanda ayisikhombiya kuya kwangama-25 ebamgeni elingafika emamitheni angama-500 ukusuka emanzini. La maqanda achamisela phakathi kukaNdasa noMbaso.

Olunye ulwazi

Ufudu i-Serrated Hinged Terrapin lukhipha iphunga enuka kabi ngokungabekezeleleki uma lubona ingozi.