Sebenzisa Umqalowabo Emkhuhlaneni

© Peganum
Ikhambi elincane eliyingunaphakade elinezimpande eziyimidumbuluzi, amagama avamile Pelargonium sidiodes ambandakanya iblack pelargonium, ‘kalwerbossie’ ne ‘rooi rabas’ (awesiBhunu) bese umqalowabo (elesiZulu). Unamacembe antofontofo anephunga elimnandi ngokusendimeni nezimbali ezicishe zibemnyama futhi iyikhambi elidumile eNingizimu Afrika. Kukhonjisiwe ukuthi lelapha ngempumelelo nangokuphepha izinhlungu ezibasemaphashini njebronchitis, itonsillopharyngitis, isinusitis nomkhuhlane. Umqalowabo waqala ukukhangiswa nguCharles Henry Stevens eBritain ngo-1897 njengekhambi le-TB. Wawaziwa ngokuthi “iStevens Cure” kodwa waphelelwa udumo emva kokwakhiwa kwamaphilisi okubulala izifo ezidalwe ngamagciwane, amaphilisi akhandwe ngamakhemikhali. Yebo, ucwaningo oluningi luyakuvuma ukuthi umqalowabo uyalwisana namagciwane.
Uyasetshenziswa futhi ekwelapheni ukugula okunjengokukhwehlela, umkhuhlane, umphimbo kanjalo nokukhathala nobuthaka. Imbiza eyenziwe ngempande isetshenziswa ekwelapheni isifo sohudo nesifo sohudo esinegazi. Izithako ze-Ethanolic ziyasetshenziswa esichoncweni esithengiswayo esixutshwa nogologo esaziwa ngokuthi Umkaloabo™. Izimbiza noma izichonco ziyasetshenziswa ngokomdabu. Lesi simila sisetshenziswa amaZulu ngokomdabu ekwelapheni ugcusula, uhudo nesisu esikhiphisa igazi.
Ukukhendlwa kwawo kumbandakanya ukugujwa kwemidumbuluzi yezimpande (iziqu ezinqumile ngaphansi komhlaba) bese iyacwecwa futhi yomiswe. ENingizimu Afrika, umqalowabo umila eMpumalanga Kapa (umila esifundeni saseMathole), eFree State naseGauteng. Utshalwa ngeziqu zawo futhi umila enhlabathini eyomile, ene-alkaline endaweni enelanga.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe