Kusakazeka Kanjani i-Coronavirus

Yinye kuphela into okudingeka uyiqonde mayelana nokuthi i-COVID-19 i-Coronavirus isakazeka kanjani.

AmaCoronaviruses awumndeni omkhulu wamagciwane ongadala izifo zokuphefumula ezisukela kumakhaza ajwayelekile kuya kwezifo ezinzima kakhulu njenge-Middle East Respiratory Syndrome (MERS) kanye neSevere Acute Respiratory Syndrome (SARS).

Igciwane lisakazeka lapho lamaconsi (kusuka kumuntu ogulayo - ukukhwehlela noma ukuthimula), kungena kuwe: Amehlo, ikhala nomlomo.

Ngakho-ke, uma ubona umuntu obonakala ngokukhwehlela / ukuthimula / ukugula, ungakhetha uku:
Gcina ibanga lakho. (i-0.5m kuye ku-2m izokugcina uphephile kumaconsi amakhulu).
Gwema izixuku. (Abantu abathelelekile bangakwazi ukungakhombisi izimpawu, kepha basatheleleka).

Kwesinye isikhathi amathe omuntu ogulayo angatheleleka kwezinye izinto - izandla, iminyango, amadivaysi, izinkomishi, amapeni, izandla nezitsha.

Futhi uma uthinta noma iyiphi yalezi zinto ngengozi, futhi uthinte ubuso bakho, uhlikihla amehlo,obathandayo. Noma ubuso bakho, ungahle ugule.

Translated by Nsika Khoza