Knob Thorn

© Roger de la Harpe

Igama

Knob Thorn

Igama lesiLatini

Acacia Nigrescens

Incazelo

Sikhula size sibengu ngamamitha ama-5 kuya kwi-18 futhi akusona isihlahla esisheshayo ukusha. Amagama ajwayelekile awesiNgesi nesiBhunu achaza izici zameva aso angxazonke ekugcineni. Izitshalo zaso zinobulili futhi lezihlahla zivame ukungabinamaqabunga ubusika bonke. Iqabunga yilo elinikeza lesi sihlahla isici saso. Kunamaqabunga amane noma asithupha kwihlamvu ngalinye, makhulu futhi akalingani. I-rachis igobile futhi inemigogodla emincane. Iqabunga elisha umbala walo ngenye inkathi ubabomvu.

Izimbali nezithelo

Ukuqhakaza kwalesi sihlahla akuqondakali futhi kubonakala ngoNcwaba kuya kuLwezi. Lezi izimbali ezinephunga elimnandi ubude bazo yi-100mm. Ihlumela layo libomvu sansundu ngokombala, maselivulekile umbala walo uba khilimu.
Igobolondo lesithelo ngu-100mm bese ububanzi kubengu-13-25mm, igama laso lempela ngu- ‘nigrescens’ elichaza ukuthi ‘ukuqala ukubamnyama’, mhlampi lesisho sichaza amagobolondo waso ngoba yiwona abamnyama mangabe esevuthiwe. Adliwa yizindlulamithi nezinye izilwanyane. Indlovu iye idle amagatsha, amaqabunga nemihlumela. I-kudu yona iphequlula amahlamvu. Izinkawu nezimfene zidla izimbali zaso.

Ukusetshenziswa

Izinyoni ziyezakhele izidleke zazo kulesisihlahla. Izinkuni zaso ziqinile futhi azidliwa ama-termite. Kwakhiwa ngaso amapali nama-mine props. Lenhlobo yesihlahla iyakwazi ukumelana nesomiso, kodwa iqhwa ayikwazi kumelana nalo, futhi senza i-bonsai eyinhle. Ngoba izinkuni zalesisihlahla ziqine kakhulu lokhukusho ukuthi izinto ezenziwe ngaso asisheshi ukuguga, noma kungavamile ukuthi kwenziwe ifenisha.

Lapho ezitholakala khona

Lesisihlahla sisakazekile, siyatholakala kwizindawo ezomile, zaseNinginizimu Afrika naseTanzania. Abavakashele i-Kruger National Park bangasibona.